Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Esekhaya lakhe uShelly Nkambule ubezwa uhleko lomshana wakhe (8) emigwaqeni ngaphandle ngesikhathi ejabulela ipikiniki nabangane bakhe ngeSonto kusihlwa.
Kodwa uhleko luqedwe umsindo omkhulu wokuphahlazeka kwase kuba nokukhala. UShelly uphumele ngaphandle wathola ukuthi umshana wakhe ubulewe ngemuva kokuthi obesemjahweni wezimoto ongekho emthethweni emshayise.
Uthe izingxenye zesidumbu sakhe esiphukile zitholwe ngaphansi kwemoto endaweni yesigameko Etwatwa Ekurhuleni.
“Angikwazi ukuhamba ngaphandle egcekeni ngoba ngivele ngibone indawo yesigameko,” etshela i-Scrolla.Africa.
Owesilisa obehamba ngemoto yohlobo lwe-Toyota Etios nowesilisa obehamba nge-Nissan 1400 emhlophe bebehamba ngesivinini ngasekhoneni lomgwaqo u-Simunye Street noMadikizela Drive.
Umshayeli we-Etios wehlulekile ukuyilawula ngesikhathi eshayela ngesivinini esiphezulu washayisa izingane ezine kanye nezithandani.
UWandile Skosana (12) uye walimala wase ephuthunyiswa esibhedlela nabanye abantu abathathu abebehamba ngezinyawo abaneminyaka engu-12, engu-30 kanye nengu-37 ubudala abalashelwa ukwethuka abezimo eziphuthumayo.
Umsolwa (50) obevaleleke ngaphakathi emotweni ushaywe umphakathi. Ngemuva kwalokho uye wahlengwa ngamaphoyisa. Umsolwa wesibili ukwazile ukubaleka endaweni yesigameko ngezinyawo. Lezi zimoto ezimbili ziye zashiswa umphakathi othukuthele.
Isakhamuzi ebesidinwe sigane unwabu uNksz Nosipho Ndala, uthe sekukaningi benxusa la madoda amabili ukuthi ayeke ukugijima emgwaqeni lapho izingane ezidlala khona.
“Bebeshayela ngesivinini esiphezulu. Baye benqaba ukulalela ngesikhathi ngibakhuza.”
“Ngesikhathi bejikeleza okwesithathu, umshayeli wehlulekile ukulawula imoto ejikeni washayisa izingane,” esho.
Onguxhumanisi wabezindaba eMnyangweni wamaPhoyisa kuMasipala wase-Ekurhuleni uLieutenant Colonel Kelebogile Thepa, uthe umsolwa uphuthunyiswe esibhedlela.
Izingxenye zesidumbu somfanyana ziyiswe emakhazeni ase-Springs kanti idokodo lokubulala ngokungenhloso liye lavulwa ngabe-EMPD esiteshini samaphoyisa Etwatwa.
Umnyango unxusa izakhamizi ukuthi zisheshe zibikele iziphathimandla uma zibona umjaho wezimoto ongekho emthethweni. Uphinde wanxusa abantu ukuthi bangazithatheli umthetho ngezandla.
Esithombeni ngenhla: UNkosiyomusa Ndaba
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe