Umfanyana (3) uminze emgodini osegcekeni likamakhelwane

Lubhalwe nguChris Gilili

Umfanyana oneminyaka emithathu uminze emgodini wakwamakhelwane obukade ungamboziwe egcekeni elingabiyiwe.

UKhesani Macheki, ochazwe ngubaba wakhe njengengane “ebikhonze ukudlala futhi ihlale ijabulile”, ubegcaluza egcekeni lakamakhelwane e-Itereng e-North West ngeSonto ntambama.

Umgodi ongu-two metres ubude obushona phansi ubugcwele amanzi ngenxa yezikhukhula ezenzeke ngempelasonto.

“Kubuhlungu kakhulu. Angazi nokuthi sizodlula kanjani kulento. Ngisezinhlungwini,” kusho uyise kaKhesani, uSimon Macheki.

“Angazi nokuthi ngizoqala ngenzeni ukulungiselela umngcwabo wendodana yami.”

USimon uthi ubekade esaphumile ngesikhathi ethola ucingo oluthi makaphuthume ekhaya.

UZacharia Mave okunguye umakhelwane onegceke elingabiyiwe, uthe naye imuphathe kabi kakhulu le ngozi eyenzekile.

“Bekusadlule isikhashana nje ngihambile kade kwenzeka lento. Kade ngiyobuka ibhola enkundleni yebhola esendaweni. Kwaba khona ongifonelayo wathi angiphuthume ekhaya. Ngesikhathi ngifika ekhaya, ngifike sekukhona abantu abangunge indawo yesigameko,” etshela abezindaba i-Scrolla.Afrika.

Uthe lomgodi wayewumbele ukuthi athole inhlabathi yokwakha izitini.

“Bengisezinhlelweni zokuwubiyela lomgodi kodwa bengisazama ukuthola izigxobo kanye nocingo,”esho.

“Ngibuhlungu kakhulu. Abazali balomfanyana ngiyabazi. Siqhamuka esigodini esisodwa e-Zimbabwe. Unkosikazi wami kanye nomama walomfana bangabangani,” kusho uZacharia.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Sabata Mokgwabone uthe idokodo lophenyo aselivulile amaphoyisa ase-Hebron.

Ikhansela laku-Ward 10 uFenky Phaloane uthe uzoya ukuyovela emndenini.

“Kuyishwa kakhulu ukulahlekelwa impilo yengane encane kanje. Ngizoya ukuyovela emndenini kusasa ngibone ukuthi akukho yini esingabasiza ngako. Lokhu kuwulimaze kakhulu umndeni kanye nomphakathi wase-Itireleng,” kusho uFenky.

Ubaba womfana uthe badinga uR5,200 ukuze bezokwazi ukungcwaba indodana yakhe ngoba bona abanayo imali njengoba bephila ngokubamba amatoho.

Izihloko zakamuva