Umfanyana (2) usinde ehlaselwa imvubu  

Umfanyana onemiyaka emibili wase-Uganda ulunywe imvubu, kodwa  wasinda. 

Umfanyana ubedlala ngaphandle egcekeni ekhaya lakubo ngesikhathi imvubu imhlasela engalindele. Kusolwa ukuthi ibambe umfana ngekhanda yagwinya ingxenye yomzimba wakhe.

Kuthathe isibindi sesakhamuzi uChrispas Bagonza obone lesi sigameko esixakile wabe esejikijela imvubu ngamatshe ukuze ikwazi ukudedela lo mfana omncane.

Amaphoyisa ase-Uganda athi lesi sigameko senzeka ngoMbasa, kodwa size sabikwa ngomhlaka-12 kuZibandlela ngemuva kokuvela kwevidiyo yesigameko.

“Lesi isigameko sokuqala eseke basibona njengoba imvubu iphume e-Lake Edward yahlasela ingane encane,” kusho okhulumela amaphoyisa.

Ngokombiko we-Daily Star umfana uphuthunyiswe emtholampilo oseduze ngaphambi kokuba adluliselwe esibhedlela ukuze athole ukwelashwa. Yize kungakacaci ukuthi lo mfana ulimale kanjani, kodwa kuthiwa ugonyelwe amarabi.

I-National Geographic ithi lesi silwane esidla utshani sihlasela abantu kuphela uma sizizwa singaphephile. E-Afrika balinganiselwa ku-500 abantu ababulawa  izimvubu  minyaka yonke.

 “Izimvubu zesilisa ziba nolaka uma zibona ingozi.

“Kanti ezesifazane zihlasela ukuze zivikele izingane zazo. Nakuba zingaba nesisindo esingamathani amane, kodwa zingagijima amakhilomitha angu-20 ngehora. Imihlathi yazo ingavuleka ibe ngama-degree angu-180 futhi ibambene ngamandla ngokuphindwe izikhathi eziyishumi kunemihlathi yomuntu, amazinyo azo angezansi angakhula abe  ngaphezu kwemitha elilodwa.”

Nokho endabeni yomfanyana imvubu ayisukelwanga muntu.

Luhlanganiswe ngu-Anita Dangazele

Isithombe esingenhla esomfanyana oneminyaka emibili ubudala ngemuva kokusinda ekuhlaselweni imvubu

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva