Umfanekiso ubanga udweshu edolobheni lase-Italy

Umfanekiso we-mermaid udale isiyaluyalu edolobheni eliseningizimu ye-Italy i-Monopoli!

Umsebenzi omuhle wobuciko ose-Piazza Rita Levi-Montalcini ubazwe abafundi basesikoleni sobuciko i-Luigi Rosso,e-Monopoli njengengxenye yephrojekthi yokuthuthukisa kabusha ethathe imali engu-€350,000 endaweni.

“Lo mfanekiso uwukuhlonipha iningi labesifazane abakhubazekile,” kusho uthishomkhulu wesikole sobuciko u-Adolfo Marciano.

Kubonakala sengathi abantu bendawo bayawuthanda lo mfanekiso njengoba omunye ebhale ku-Twitter wathi “i-Monopoli ikuwo wonke amaphephandaba ngenxa yalo mfanekiso omkhulu, yithi labo!”

Kodwa akubona bonke abahlabeke umxhwele ngokuma kwalo mfanekiso. Umlingisi wasedolobheni eliseduze lase-Bari, uTiziana Schiavarelli ubhale ku-Facebook ukuthi umngani wakhe wase-Monopoli “udideke kufanele” ngalo mfanekiso.

“Uma uthi nhla ubukeka njengesithombe sikasosayensi odumile [uRita Levi-Montalcini]. Empeleni ubukeka njenge-mermaid enamabele amabili e-silicone futhi ngaphezu kwakho konke unezinqa ezinkulu kakhulu ezake zabonwa kwi-mermaid.”

Nakuba abanye beye batusa lo mfanekiso ngokukhuthaza ukufaneleka komzimba nokugubha ubuhle babesifazane ngokwehluka kwabo, abanye baye bawugxeka ngokuphatha abesifazane ngendlela engafanele kanye noqhubekisela phambili izindinganiso zobuhle eziyingozi.

Yize kusuke umsindo lo mfanekiso ubungakathulwa ngokusemthethweni. Kodwa njengoba inkundla yezokuxhumana imatasa kubukeka sengathi i-Monopoli isithole indawo yayo entsha yokuheha izivakashi!

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: Umfanekiso we-mermaid

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva