Umfana osemncane uboshelwe ukudlwengula ingane eneminyaka emithathu

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Kuboshwe umfana oneminyaka engu-16 ngezinsolo zokudlwengula umfanyana oneminyaka emithathu wasesigodini saseSasekani eLimpopo ngoMsombuluko.

Ingane yaya egcekeni likamakhelwane wayo iyodlala, kwathi lapho isibuyela ekhaya yatshela ugogo wayo ukuthi umngani kamfowabo uyidlwengulile.

Ugogo waya kuyise kamsolwa eyobuza ngesigameko, kodwa umfana oneminyaka engu-16 uphikile ukuthi udlwengule umfana osemncane.

Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo, uColonel Malesela Ledwaba uthe udaba lubikwe ngokushesha emaphoyiseni umgilwa waphuthunyiswa esibhedlela ukuze ayohlolwa.

“Umsolwa ulandelwe waboshwa ekuseni ngoLwesibili ngomhlaka-14 kuNhlaba esigodini saseSasekani.

“Iphoyisa elihlola amacala kulindeleke ukuthi lihlanganise umbiko mayelana nomsolwa kanye nokuqhubeka kwecala enkantolo maduze,” kusho uLedwaba.

Khonamanjalo amaphoyisa aseRitavi aphume umkhankaso wokuthungatha owesilisa odlwengule owesifazane (26) esigodini saseLephepane eNew Stands, eLimpopo, ngoMsombuluko ntambama.

Umgilwa kuthiwa ubehamba emgwaqeni ngesikhathi ebona lo wesilisa egqoke i-ovaroli ebomvu.

Umsolwa kuthiwa ubambe umgilwa wamuklinya ngaphambi kokumdudulela phansi, wamkhumula ngenkani wabe esemdlwengula maqede wabaleka ngezinyawo.

ULedwaba uthe umgilwa ukwazile ukuthola usizo wabe esebika isigameko emaphoyiseni avele avula icala lokudlwengula ngokushesha.

“Umgilwa usola ukuthi umsolwa uyamazi ngokumbona futhi kusolakala ukuthi uhlala ngasesigodini saseLephepane,” kusho uLedwaba.

Isithombe esingenhla: Iveni yamaphoyisa.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva