Umfana osakhula uboshelwe ukubulala ugogo

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Kuboshwe umfana oneminyaka engu-16 ubudala kuTsolo e-Eastern Cape ngokukhanda ngamatshe ugogo wakhe oneminyaka engu-83 ubudala ngeSonto.

Umfana uqale watshela amaphoyisa nomakhelwane ukuthi kungene amadoda amabili azifihle ubuso abegibele amahhashi ngoLwesine efuna imali.

Ngesikhathi ugogo wakhe ethi akanayo imali uthe amshaye ngamatshe ekhanda washona.

Isalukazi, uGogo Tsawe besithembele kuphela empeshenini obekumele siyithole maduze.

“Ngokolwazi umzukulu wakhe ubikele omakhelwane ngalesi sigameko, base bebiza amaphoyisa. Uphenyo luholele ekutheni amaphoyisa abophe umzukulu njengomsolwa ecaleni lokubulala,” kusho uLieutenant Colonel Mawisa.

Uzovela eNkantolo yeMantshi kuTsolo ngoLwesibili.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Mawisa uthe uphenyo lukhomba ukuthi umzukulu wuye obulale ugogo wakhe.

Isishoshovu samalungelo abantu uMnuz Petros Majola sibize lesi sigameko njengesishaqisayo wacela imiphakathi ukuthi ivikele asebekhulile.

“Kuyichilo ukuthi umzukulu wenze umndeni wakubo ukholwe ukuthi nguye osinde kulesi sibhicongo ekubeni azi kahle ukuthi kwenzekani kugogo wakhe. Sicela wonke umuntu abambe iqhaza ekuvikeleni abantu abadala,” kusho uMajola.

Esithombeni esingenhla: UGogo uNowelile Tsawe, okusolwa ukuthi ukhandwe ngamatshe ngumzukulu wakhe ngoLwesine.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva