Indodana yomshayeli karisho e-Delhi, ijoyine esinye sezikole ezihamba phambili emhlabeni nge-ballet ezweni laseNgilandi.
Umkhankaso wokuqoqa imali osekelwe izihlabani ze-Bollywood, usize uKamal Singh ukuthola leli thuba.
Lo mfana oneminyaka engama-21 ubudala, ojoyine i-English National Ballet School, uthi namanje usaphelelwe ngamazwi, akazi nokuthi athini.
“Angikwazi ukuchaza ukuthi ngizizwa kanjani. Kufezeke iphupho lami. Kuyamangalisa futhi ngikujabulela nsuku zonke,” kusho uKamal, okwazile ukuqoqa imali yokufunda elinganiselwa kwizi-R430 000.
I-Guardian ibike ukuthi, uKamal uqale i-ballet eneminyaka eyi-17.
Umeluleki wakhe ophinde abe nguthisha wakhe uFernando Aguilera e-Delhi uthi, “yena wazi eqala nje ukumbona ukuthi uKamal unekhono. Umzimba wakhe ufana nerabha, ukwazi ukugoba kalula ngaphandle kokuphuka.
“Unomzimba odalelwe i-ballet futhi wawuphiwa nguNkulunkulu. Ubedinga nje ukufundiswa ukuthi usetshenziswa kanjani.”
Isithombe: @noddysingh15