Philani Mzila
Umethuli wohlelo ku-YouTube, uRea Gopane usexolisile kuBonang Matheba ngezinsolo azenzile mayelana naye no-AKA. URea unikezwe amaphepha asenkantolo ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuthi iqembu likaBonang lingakwazanga ukufinyelela kuye. Izimfuno: ukuxolisa esidlangalaleni kanye nezi-R500,000.
Lo saziwayo osephenduke usomabhizinisi wotshwala, wanikeza uGopane incwadi emazisa ukuthi uhlose ukummangalela ngokumhlambalaza nangomonakalo owenzekile.
Kwividiyo esatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana ethathwe kulolu hlelo, kuzwakala uRea etshela uBlack Steph, ongomunye wabasakazi bohlelo lwabo i-Everything SA Music ukuthi bazwe imfihlo kuSiyabonga ”Scoop” Ngwekazi ukuthi uBonang Matheba nguyena owafundisa u-AKA izidakamizwa.
Incwadi eyabiwe nguBonang ifundeka kanje: “Ngokomongo walokho obekuxoxwa ngakho kwividiyo, lokhu kusolwa nokwehlisa isithunzi kwenziwe ihaba ngumbono oshaqisayo wokuthi ukufa kwentombi ka-AKA, u-Anele (Nellie) Tembe kungenxa yezinsolo zika-AKA zokusebenzisa izidakamizwa.”
Kulo mbhalo wangomhla ziyi-16 kuNhlaba, ummeli kaBonang, uStephen Thomson we-Thomson Wilks uthe wayecele uRea ukuthi ahoxise lesi sitatimende futhi abhalele uBonang axolise phambilini, kodwa akazange akwenze lokho futhi waqala wangazinaka izingcingo wanqaba nokusinika ikheli lakhe le-imeyili.
“Yize ukuxolisa nokuhoxa kuzoba nomthelela othile ekulungiseni ukulimala kanye nokuhlaselwa kwesithunzi seklayenti lami, iklayenti lami nalo lihlose ukufuna isinxephezelo sezimali njengendlela yomonakalo,” kufundeka incwadi.
Incwadi iyaqhubeka nokufuna izi-R500,000 zingakapheli izinsuku eziyi-10 futhi uma ingakhokhiwe, kuzokhishwa amasamanisi.
UBonang ucele uRea ukuba amthumelele ikheli lakhe le-imeyili kodwa waphendula ku-Twitter wathi: “Unayo inombolo yami. Ngiyakuthanda futhi ngikukhonzile. Uzinakekele.”
Umthombo wesithombe: @Bonang_m & @reagopane_