UMessi uzobhekana noNeymar kowe-UEFA Champions League

Muva nje, irekhodi lasekhaya leBarcelona elibhekene nemidondoshiya yebhola laseYurophu lenza ukufunda okungathandeki.

NgoNcwaba kwi-UEFA Champions League baphoxwa yiBayern Munich eyabashaya ngamagoli ayisishiyagalombili kwamabili kwi-quarter-final.

Emidlalweni yamaqoqo yale sizini ngoLwesibili banikwe isibhaxu samagoli amathathu eqandeni yiJuventus. UCristiano Ronaldo ushaye amagoli amabili ukuqinisekisa ukuthi amaNtaliyane aqeda phezulu ku-Group G.

NgoMsombuluko ngesikhathi kudlalwa owamanqamu we-16 ye-Champions League e-Nyon, e-Switzerland, iBarcelona iqhathwe nelinye iqembu elikhulu eYurophu.

Banikwe iParis Saint-Germain (PSG) emdlalweni wemilenze emibili obizwa njengoba uLionel Messi ezobhekana noNeymar. Umlenze wokuqala uzobona uNeymar ebuyela e-Camp Nou lapho athola khona izindebe eziningi noMessi.

Ngemuva kokuthola ukuthi bazobhekana naliphi iqembu, uNeymar ubhalele uMessi ekhasini lakhe le-instagram wathi: “Sizobonana kungekudala, mngani wami.”

Ngesizini edlule uNeymar usize iPSG ukuthi ifinyelele kowamanqamu wokuqala kwi-Champions League ngesikhathi ihlulwe yiBayern Munich ngelilodelwa eqandeni.

Ubuthakathaka bokuzivikela beBarcelona kufanele bukhathaze umqeqeshi uRonald Koeman. Kule midlalo emithathu yakamuva bangenelwe ngamagoli ayi-14 bashaya amathathu kuphela.

IPSG inomugqa ocijile ngaphambili oholwa nguNeymar noKylian Mbappe futhi ngaphandle kokungabaza bazowasebenzisa amathuba abo ngokuzivikela kwiBarcelona.

Eminye imizuliswano yesi-16 ye-Champions League:

Borussia Monchengladbach vs Manchester City; Lazio vs Bayern Munich; Atletico Madrid vs Chelsea; RB Leipzig vs Liverpool; IPorto vs Juventus; Sevilla vs Borussia Dortmund; Atalanta vs Real Madrid.

Izihloko zakamuva