UMessi uhlabane ngeyokuba umdlali ovelele 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Emcimbini we-Fifa wokuklomelisa abadlali abenze kahle kakhulu obuse-Paris ngoMsombuluko, uLionel Messi uhlabane nomklomelo omkhulu wokuba ngumdlali wabesilisa ovelele kunabo bonke kanti okwesibili ethola lo mklomelo.

UMessi wehlule izimbangi zakhe zase-France uKylian Mbappe noKarim Benzema ukuze awine lo mklomelo, kwathi u-Alexia Putellas wase-Spain wawina umklomelo wokuba umdlali ovelele kwabesifazane.

Imiklomelo ivotelwe abaqeqeshi nokaputeni bamaqembu esizwe, izintatheli ngisho nabalandeli imbala.

Umphathi we-Argentina, uLionel Scaloni uqokwe njengomqeqeshi ohamba phambili wabesilisa kwathi uSarina Wiegman waqokwa njengomqeqeshi ovelele wabesifazane ngemuva kokuhola i-England edle umhlanganiso ku-European Championship ngonyaka odlule.

Ukunqoba kukaMessi kumsondeza noCristiano Ronaldo (2016, 2017) noRobert Lewandowski (2020, 2021) ngokuwina kabili. Kodwa ke akekho umdlali kulaba ababili ababizwe ne-Argentina eqenjini lesizini.

Unozinti we-Real Madrid ne-France, uThibaut Courtois yena wangena eqenjini, kanti uVirgil Van Dijk wajoyinwa ngu-Achraf Hakimi noJoao Cancelo njengabadlali abathathu basemuva.

UKevin de Bruyne, uLuka Modric kanye noCasemiro bangene njengabadlali basesiswini noMessi noMbappe ezinhlangothini zombili zabo.

UBenzema ujoyinwe oweManchester City u-Erling Haaland phambili ukwenza i-World XI.

Uhlu oluphelele lwabawinile:

Othola indondo yomdlali ovelele kunabo bonke abesilisa: ULionel Messi

Umdlali wesifazane ovelele: U-Alexia Putellas

Unozinti ohamba phambili kwabesilisa: U-Emiliano Martinez

Unozinti ohamba phambili kwabesifazane: UMary Earps

Umqeqeshi wabesilisa ohamba phambili: ULionel Scaloni

Umqeqeshi wabesifazane ohamba phambili: USarina Wiegman

Indondo ye-Puskas itholwe: UMarcin Oleksy

Indodo yabalandeli abahamba phambili: Abalandeli base-Argentina

Umklomelo we-Best fair play: ULuka Lochoshvili

I-Fifpro Men’s world XI: UThibaut Courtois; u-Achraf Hakimi, uVirgil van Dijk, uJoao Cancelo, uKevin De Bruyne, uLuka Modric, uCasemiro, uLionel Messi, u-Erling Haaland, uKarim Benzema noKylian Mbappe.

Isithombe esingenhla: ULionel Messi

Umthombo wesithombe: @leomessi

Izihloko zakamuva