Lubhalwe nguDylan Bettencourt
ULionel Messi ugcine elifezile iphupho lakhe leminyaka yonke lokuphakamisa iNdebe yoMhlaba ye-Fifa futhi lokho akuzange kumvimbe ekubeni ngumpetha ngaphandle kwenkundla.
Lesi sihlabani sase-Argentina simemezele ukuthi sesijoyine umkhankaso wokusiza abangaboni kahle e-Ethiopia.
Uthe ezinkundleni zokuxhumana uhlanganyele ne-OrCam ukuze banikele ngama-visual aids kubantu base-Ethiopia. I-OrCam’s MyEye iyithuluzi elinamathiselwa kwizibuko abanti abazigqokayo. Isebenzisa ubuchwepheshe ukusiza abantu abangaboni kahle ukuthi bafunde, babone ngokugqamile baphinde bakwazi nokubona izinto eziphambi kwabo. Lokhu ikwenza ngekhamera encane ekwazi ukukutshela izinto eziphambi kwakho noma ozifundayo.
Ngo-2019, le divayisi yaqanjwa njengento enkulu esike yasungulwa iphephabhuku i-Time futhi manje isidonse ukunakwa umdlali webhola lezinyawo omkhulu kunabo bonke emhlabeni.
UMessi owaziwa ngokuba nesandla esiphayo manje usezofaka isandla ekusizeni enye yezinkinga zezempilo ezibalulekile e-Afrika. Cishe u-1.18% wenani labantu base-Ethiopia ababoni kahle, kubika i-BBC.
Uma kuqhathaniswa, elakuleli linabantu abangu-0.75% abangaboni emehlweni.
Umshini owodwa we-OrCam MyEye ungabiza imali efinyelela ku-R70,000 kanti uMessi uzonikela ngesamba esikhulu ukuze ahlinzekele abaswele.
Kulula ukuthi ukhohlwe abantu abadinga usizo uma usungumpetha womhlaba wonke, kodwa akwenzeki kanjalo kuMessi.
Ukuthobeka kuvame ukukhunjulwa ngendlela umdlali abeziphethe ngayo futhi kuyo yonke imizamo kaMessi enkundleni, ukusebenza kwakhe kuzomnikeza ifa elihlala njalo likhona.
Isithombe esingenhla: ULionel Messi
Umthombo wesithombe: Sports Mole