Lubhalwe nguRazeen Gutta
ULionel Messi akavotelwanga nje kuphela ukuba umdlali webhola ohamba phambili kulo nyaka kodwa uvotelwe njengomdlali ovelele wonyaka njengoba ehlonishwe ngemiklomelo emibili emcimbini wezindondo i-Laureus World Sports Awards ngoMsombuluko.
Kodwa-ke, lesi senzakalo esibalulekile sigubuzelwe ifu lokungaqiniseki njengoba imibuzo ngekusasa lakhe iqhubeka nokuvela ezihlokweni zamazwe ngamazwe.
Ukaputeni odle umhlanganiso kwiNdebe yoMhlaba ube umdlali wokuqala ukuwina imiklomelo yomuntu ngamunye kanye neyeqoqo onyakeni owodwa njengoba i-Argentina iqokwe njengeqembu elihamba phambili kulo nyaka e-Paris.
UMessi uwine umklomelo we-Sportsman of the Year ngo-2020 kanye nompetha we-Fomula 1 uLewis Hamilton kodwa kulokhu uyena yedwa owine lo mklomelo.
“Lokhu kuwudumo olukhethekile ikakhulukazi njengoba imiklomelo yezemidlalo yomhlaba ye-Laureus izobe ise-Paris kulo nyaka okuyidolobha elamukele umndeni wami kusukela safika lapha ngo-2021,” kusho uMessi ngesikhathi ethatha lo mklomelo.
Uqhubekele phambili wabonga ozakwabo be-PSG naphezu kwemibiko eqinile yokuthi uzoshiya iqembu lakhe ekupheleni kwesizini.
“Ngifuna ukubonga bonke ozakwethu eqenjini hhayi eqenjini lesizwe kuphela kodwa nakwi-PSG – lokhu angikutholanga ngedwa futhi ngiyabonga ngokukwazi ukwabelana nabo ngakho konke.”
“Ngiyaqala ngqa ukuthi ngibe ngedwa kulo mklomelo we-Laureus Sportsman of the Year kanti ngemuva konyaka sigcine siwine omunye umklomelo ebesiwujahe isikhathi eside kwiNdebe yoMhlaba ye-Fifa ebise-Qatar. Kuwukuhlonishwa okukhulu ukuthi ngikwazi ukuthola lo mklomelo we-Laureus.”
Kodwa-ke, ifu elimnyama lisaqhubeka nokugubezela ikusasa lakhe.
Kuleli sonto imibiko iveze ukuthi uMessi usezofudukela e-Saudi Arabia ngesizini ezayo. Kodwa isibuyekezo esivela kwi-ejenti yakhe ngoLwesibili siveze ukuthi akukho okuzonqunywa ngaphambi kokuphela kwesizini yamanje.
“Isinqumo ngeke sithathwe ngaphambi kokuthi uLionel aqede iligi ne-PSG. Uma isizini isiphelile kuzoba isikhathi sokuhlaziya nokubona ukuthi kuyenzeka yini bese sithatha isinqumo,” kusho i-ejenti ephinde ibe ubaba wakhe uJorge Messi ekhuluma noFabrizio Romano.
“Amahlebezi ehlezi ekhona futhi abaningi basebenzisa igama likaLionel ukuze badume kodwa linye iqiniso futhi singakuqinisekisa ukuthi akukho lutho okwamanje. Noma ngamazwi, ngokusayina kanye nesivunelwano ngeke kwenzeke lutho kuze kube ekupheleni kwesizini.”
Esithombeni esingenhla: @LaureusSport
Umthombo wesithombe: Lionel Messi