Menzi Magubane
Kubukeka sengathi uLionel Messi angahle ahlale kuBarcelona.
Ukusayina komngani wakhe omkhulu ophinde abengumkhaya wakhe uSergio Aguero ophuma kwiManchester City kungamenza ukuthi ahlale e-Camp Nou.
Kuyaqondakala ukuthi iBarcelona ikulungele ukuqeda ukuqagela ngekusasa lomlisa wase-Argentina ngokumnikeza inkontileka emangazayo yeminyaka eyi-10 ebiza cishe izigidigidi ezine zamarandi.
UMessi bekulindeleke ukuthi ayishiye le kilabhu ezinyangeni eziyi-12 ezedlule kodwa wasala neBarca.
Umengameli weBarca osanda kuqokwa uJoan Laporta uthe: “Ngokuqinisekile uLio ufanelwe okungaphezulu futhi angenza okuningi kwenye indawo kodwa isifiso sakhe ukwenza iBarca ibe nkulu.”
ILaporta uthe kuMessi kwakungeyona inkinga yemali.
“Kumayelana neqembu namathuba alo okuwina,” esho.
Isimo sezezimali seBarca njengamanje sisho ukuthi ukwengeza umholo wakhe esikhathini eside kungenza isivumelwano sisebenze kakhulu ngokuhamba kwemali.
Kusukela ngowezi-2023, kuhlongozwa ukuthi ajoyine iqembu likaDavid Beckham le-MLS, i-Inter Miami, lapho azodlala khona amasizini amabili ngaphambi kokuyeka ibhola ngowezi-2025. Ngemuva kwalelo phuzu, kuphakanyiswa ukuthi uMessi uzobamba iqhaza ngasese, kumsebenzi wokuba ngungqondongqondo kanye nenxusa lekilabhu.
Umthombo wesithombe: @barcastats