Arthur Greene
Ngowezi-2011 uCarmen waqala ukulungiselela abafundi ukudla kathathu ngesonto esikoleni sendawo e-Belhar ngaphandle kwaseKapa.
Namuhla, uhlinzeka ngesidlo sasekuseni nesidlo sasemini nsuku zonke ezinganeni ezingaphezu kwezi-18,000 ezweni lonke.
“Ngizibonele ngawami ukuthi indlala injani,” etshela i-Scrolla.Africa.
Ngenkathi ubhubhane luhlasela, uCarmen Stevens Wines, ngomthengisi wabo wase-UK, i-Naked Wines, unxuse amakhasimende abo ukuthi ayeke ukuthenga ukudla osekuvuthiwe okudlelwa endlini phecelezi ama-takeaway futhi anikele nganakho kwi-Carmen Foundation – ngenhlanhla amakhasimende enza njalo.
“Yenzani obhontshisi nidle nezinkwa esikhundleni sokuthenga ukudla ngaphandle” bekhuthaza amakhasimende abo.
“Ngiyeke uku-oda ukudla kwantambama okumnandi endaweni yami eyintandokazi ngoLwesihlanu ebusuku,” kusho umuntu ophuza iwayini.
Ngonyaka baqongelela ngaphezu kuka- £ 800,000, cishe izigidi ezingu-R16.5.
Lokho kuholele ekudleni okuyizi-1,622,731 obekuya emilonyeni eyizi-41,363 elambile emiphakathini engama-33.
UCarmen wathuthela e-Belhar ngesikhathi eneminyaka eyi-13, indawo ayichaza njengepharadesi leqembu lezigelekeqe. Nsuku zonke wayebona izingane eziningi zihamba usuku lonke zingenakho ukudla.
Ngemuva kokusungula iwayini e-Stellenbosch washeshe wasungula i-Carmen Stevens Foundation.
“Ngiwuxhase ngokwami lo msebenzi. Ngiphuma kulowo mphakathi futhi ngangazi ukuthi kunesidingo,” kusho uCarmen etshela i-Scrolla.Africa.
I-Carmen Stevens Wines okungeyokuqala ukuba ngeyomuntu omnyama, isikhule yaba yindawo ethengisa iwayini kuleli, futhi iwina imiklomelo unyaka nonyaka.
Njengoba inkampani yewayini ibikhula, ne-foundation ngokunjalo.
Ngowezi-2019 ibiphakela ukudla ezikoleni ezingama-53 nemiphakathi engama-25 nsuku zonke kusho uCarmen, futhi ibinomthelela osheshayo ekuziphatheni nasekuthuthukeni kwezingane.
Kodwa ngesikhathi ubhubhane luhlasela ngowezi-2020, imiphumela emiphakathini empofu kakhulu kuleli ibiyimbi kakhulu. I-Foundation ayisagxilile kakhulu ezikoleni kodwa isigxile emakhishini esobho.
“Izingane nabantu abadala bayakudinga ukudla. Sisebenzisane namakhishi omphakathi abekwazi ukulungisa ukudla,” kusho uCarmen.
“Uma ubona amadoda amadala emi kulayini wokudla ezothathela ingane ukudla, kusho lukhulu.”
Umthombo wesithombe: @CuisineNoirMag