Usenkingeni uMengameli we-Paris Saint-Germain (PSG) uNasser Al-Khelaifi njengoba ephenywa ngezinsolo zokuthumba nokuhlukunyezwa kommeli wase-France-Algeria uTayeb Benabderrahmane ezweni lakubo e-Qatar kubika i-L’Equipe.
Kuqokwe amaJaji amathathu ase-France ukuthi aphenye ngalolu daba.
UBenabderrahmane (42) uthe ube isisulu sokuthunjwa, ukuvalelwa kanye nokuhlukunyezwa isikhathi esiyizinyanga eziyisithupha.
Ummeli uchaze ukuthi kungenzeka ukuthunjwa kwakhe kwakumayelana nokuthi uphethe izincwadi ezibucayi.
Izincwadi kubikwa ukuthi zimayelana nokuklonyeliswa kweNdebe Yomhlaba ye-Fifa yango-2022 kanye namalungelo kamabonakude ezinhlelo ezimbili ezilandelayo zalo mqhudelwano kubika i-BeIN Media.
UMengameli we-PSG uphinde abe ngumphathi wenhlangano yokusakaza ezinze e-Qatar.
U-Al-Khelaifi kubikwa ukuthi wenze isivumelwano nowayenguNobhala Jikelele we-Fifa, uJerome Valcke ngaphambi kokuthi akhishwe engenacala ngo-2020.
UMengameli we-PSG ukhiphe isitatimende ephika lezi zinsolo wengeza ngokuthi isisulu sesishintshe abammeli izikhathi eziningi.
“Bashintshe abammeli babo izikhathi eziningi kunokushintsha udaba lwabo. Bakhohlisa abezindaba. Ngimangele nje ukuthi abantu bathemba udaba lwakhe, kodwa ubulungiswa buzovela,” ngokufundeka kwesitatimende.
Abammeli bakaBenabderrahmane batshele i-AFP ukuthi “Sijabule kakhulu ukuthi ifayela langempela lalolu daba ekugcineni seliphenywa uphiko lwezobulungiswa lwase-France.”
Leli ihlazo lesibili elivelayo kwiziqhwaga zase-France ezinsukwini ezimbalwa ngemuva kokuthi umdlali wasemuva u-Achraf Hakimi esolwa ngokudlwengula ngeSonto.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Isithombe esingenhla: UNasser Al-Khelaifi
Umthombo wesithombe: Twitter