Dylan Bettencourt
Inhlangano eyengamele ibhola lezinyawo i-FIFA ikuqinisekisile ukuthi ikomidi elizimele lokuziphatha seliqale uphenyo ngowayengumqeqeshi weqembu lase-Gabon labaneminyaka engu-17.
UPatrick Assoumu Eyi ubekwe icala lokudlwengula nokuhlukumeza ngokocansi izingane eziningi.
U-Eyi, obhekene namacala nabanye abaqeqeshi ababili, bangase babhadle ejele iminyaka engu-30 uma inkantolo ibathola benecala.
Esinye isikhulu esiphezulu sisolwa ngokunukubeza abadlali abasebancane ngokocansi. Ubesebenzisa lokho njengokhiye ozokuvulela umnyango wokungena eqenjini lesizwe.
USerge Mombo, ophinde waqokwa njengoMengameli weligi enkulu yebhola lase-Gabon ngoNhlangulana ngonyaka ka-2021, ungomunye wabasolwa futhi njengamanje usebenza njengomuntu obhekelela izinto ezisetshenziswa abadlali base-Gabon ku-Afcon.
UMombo, owake waba iphoyisa, uwaphike wonke amacala abekwe wona yizisulu kanye nofakazi.
“Ngenxa yobucayi bezinsolo ezenziwayo, singakuqinisekisa ukuthi ikomidi elizimele le-FIFA elibhekelela ukuziphatha selivule uphenyo futhi kumanje liyalucubungula lolu daba,” kusho okhulumela i-FIFA.
Owake wadlala eqenjini lase-Gabon labaneminyaka engu-17 ngonyaka ka-2017 uthe izikhulu eziphezulu zazama ukumheha ukuze lo mdlali athole indawo eqenjini lesizwe.
Ku-Facebook, uMombo uchaze izinsolo abekwe zona njengezinsolo ezingekho emthethweni.
Uthe ubefuna ukuzishaya indiva lezi zinsolo kodwa wabona ukuthi zibucayi kakhulu futhi ziyamcasula.
“Abenzi baleli tulo bazoziphendulela ngesenzo sabo,” kusho uMombo.
“Ngangingunompempe wamazwe ngamazwe futhi manje senginguMengameli weligi.”
Uthe akakaze abekwe izinsolo ezingcole kanje futhi azigxeka nakangaka.
I-Gabon iqale umkhankaso wayo we-Afcon ka-2021 ngokuguqisa kanzima i-Comoros ngo 1-0 ngoMsombuluko ebusuku. I-Gabon izophinde idlale ngoLwesihlanu njengoba izobhekana ne-Ghana.
Umthombo wesithombe: @TheGuardian