Umengameli welama-olympics uveze izinsolo ezishaqisayo

Dylan Bettencourt

UMengameli wekomidi le-Australian National Olympic uJohn Coates udalule ukuthi idolobha elibizwa nge-Sydney lakhethwa njengabasingathi bemidlalo yama-olympics ngonyaka ka-2000 ngenxa yokuthi izikhulu zayithenga le midlalo.”

UCoates ophinde abe iphini likaMengameli we-International Olympic Committee (i-IOC) wasolwa ngokugwazela izikhulu ukuthi zivotele i-Australia ukuze ibe ngabasingathi bemidlalo yama-olympics ngo-1993.

Yize watholwa emsulwa  kunoma iziphi izenzo ezimbi ayesolwa kuzo ngo-1999, kodwa lesi sikhulu savuma kwingxoxo eyayikhona sathi senza isivumelwano ngo-2008 sasebenzisa imali eyinkokhelo kumalungu amabili e-African National Olympic Committee ukuze athole amavoti awo.

Umcwaningi mabhuku kuleli cala uTom Sheridan uthe ziyathusa lezi zinsolo.

Nokho uCoates uvumile ukuthi wathembisa u-R555 000 kumalungu e-IOC ase-Kenya nase-Uganda esidlweni sasebusuku ngaphambi kokuvota kwe-IOC.

“Bengingeke ngife ngizibuza ukuthi kungani singawinanga,” kusho uCoates ngo-1999 ezama ukuchaza ukuthi kungani ezimisele ukugwazela ezinye izikhulu ukuze athole amalungelo okusingatha i-Australia.

Uqhube wathi nakuba akhipha le mali kodwa akagcinanga ngokukhokha waphinde wenza ezinye izethembiso kulama lungu womabili.

Sekuvele ukuthi unikeze izibonelelo ezingaba khona kanye nosizo lwezemidlalo e-Kenya nase-Uganda. Noma kungavamile isivumelwano esinjengalesi asenzi noma imiphi imihlahlandlela ye-IOC.

“Ngakho-ke ngavele ngaya kubo ngathi uma nisivotela siphume phambili sizoninika  u-$50,000 emakomidini amabili kazwelonke lama-olimpiki ayishumi ngonyaka eminyakeni emihlanu ezayo. 

Noma ngabe yini ubatshela ukuthi izosetshenziselwa kwezemidlalo,” kusho uCoates echaza ngesivumelwano.

Le mali uCoates akhuluma ngayo lapha engu-$50,000 ihlukile kule engu-$35,000 ekubikwe ngayo. 

Okhulumela i-IOC uthe akukho okuphambene nomthetho esivumelwaneni uCoates asenza nala malungu womabili.

“Ngesikhathi sokuqokwa kwe-Sydney 2000 ukusekelwa kwezezimali okuvela kwi-NOC kwama njengomuntu ozongenela i-NOC yokuthuthukiswa kwezemidlalo akuzange kufakwe emithethweni eyayisebenza ngaleso sikhathi.”

Imithetho isichitshiyelwe ukuze kunqandwe isigameko esifuze lesi.

Umthombo wesithombe: @ESPN

Izihloko zakamuva