UMengameli we-Safa uzoba nomhlangano noBroos

Menzi Magubane

UMengameli we-South African Football Association (i-Safa) uDanny Jordaan uhlela umhlangano nomqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos.

NgoLwesibili uBroos utshele abezindaba ukuthi le ligi ephezulu yakuleli ayikho ezingeni elifanele wathi nabadlali bakuleli abekho efomini efanele.

“Ngizohlala phansi ngikhulume naye. Kubalulekile ukuthi lezi zindaba zidingidwe enhlanganweni futhi yilokho esizokwenza,” kusho uJordaan.

Uthe ngeke akwazi ukuphawula kabanzi ngoba ubengekho esithangamini sabezindaba sikaBroos eGoli.

“Ngeke ngikwazi ukuphawula ngezinto engingazizwanga noma engingazibonanga. Kodwa ngizoxoxa naye ngalolu daba,” kusho uJordaan.

Sekuzobonakala ukuthi i-Safa izokwenzenjani ngoBroos. Ingabe bazomjezisa, uma kunjalo, kanjani?

UBroos uthole ukugxekwa okukhulu selokhu athatha umsebenzi wokuqeqesha iBafana Bafana ngemibono yakhe engemihle kanti iningi labalandeli alihambisani nemibono yakhe.

Kodwa-ke inkulumo yakhe yangoLwesibili yenze abanye bevumelana naye ngokuthi mkhulu umsebenzi okumele wenziwe ukuthuthukisa ibhola lakuleli. Lo mqeqeshi odabuka e-Belgium ufanise isimo seBafana nalokho izwe lakubo elalijwayele ukubhekana nakho phambilini.

“Ngo-2006 sasingenabo abadlali abasezingeni eliphezulu e-Belgium. Sasingekho emiqhudelwaneni yaseYurophu nakwiNdebe yoMhlaba njengalapha,” kusho uBroos.

“Sakubona obekudingeka sakwenza. Ngemuva kweminyaka eyishumi i-Belgium yaba ngeyokuqala ohlwini lwe-Fifa. Kukhona esakwenza ngaleyo nkinga.”

Uthe babengenabo abadlali abaseqophelweni eliphezulu ngakho bathuthukisa abadlali bazama ukukhuphula izinga lemiqhudelwano.

“Kungani singakwazi ukwenza lokho lapha?”

Kumele kushiwo ukuthi lo mqeqeshi unephuzu. Ibhola lakuleli lidinga ukuguqulwa futhi siyethemba ukuthi iBafana izobuyela esimweni sayo sakudala lapho eyawina khona i-Africa Cup of Nations ngo-1996.

Izihloko zakamuva