Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UMengameli we-NFP uMnuz Ivan Barnes useqokwe waba ikhansela likaMasipala waseZululand njengoba iqembu lakhe ligaqele isihlalo sobuMeya ngemuva kokuba besize i-IFP yathatha esikaNdunankulu waKwaZulu-Natal.
UBarnes ungene esikhaleni sikaMnuz Sibusiso Nkosi obesebeyikhansela le-NFP isikhathi eside.
Kwenzeka lokhu nje emasontweni amabili edlule ubuholi be-NFP nobe-IFP bubhunge kabanzi ngokubambisana kuHulumeni wesiFundazwe nokuyilapho i-NFP icele ukuba inikezwe uMasipala waseZululand nowasoThukela.
Nokho kuthiwa i-IFP inqabile yathi akukwazi ukuthi sekungaxoxwa ngomasipala ekubeni ukusebenzisana kuzoba sezingeni likaHukumeni wesiFundazwe.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eMhlanga emasontweni edlule, uBarnes uthe njengeqembu le-NFP banaso isifiso sokuthatha umasipala waseZululand nowasoThukela.
Encwadini ebhalwe iKhomishani yoKhetho eziMele kuvela ukuthi uBarnes ufakwe kwamasipala mhlaka-20 kwephezulu ukuba ikhansela.
“Le ncwadi igunyaza ukuthi uBarnes useyikhansela laseZululand ngaphansi kwezigaba zokusebenza kukaHulumeni waseKhaya. UMnuz Sibusiso Nkosi obeyikhansela usephumile kulesi sihlalo,” kusho incwadi ephuma kwikhomishani.
Imizamo yokuthola uBarnes ukuba aziphendulele ibhuntshile njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe.
UBarnes uma kwenzeka eba yiMeya kuzobe kungokwesithathu i-NFP iba neMeya eZululand.
Ngo-2011 kwangena umholi we-NFP ongasekho uNkk Zanele kaMagwaza-Msibi nokwathi uma ephuma ngo-2014, eseyePhalamende, kwangena uMnuz Mpiyakhe Hlatshwayo.
UBarnes ukewasebenza kwaNongoma njengoMqondisi kamasipala wakhona.
Ngaphambi kwalokho ukewahola uphiko lwabafundi be-IFP okuyi-Sadesmo.
Kumanje umasipala waseZululand awunayo i-meya ngemuva kokuhamba kukaMfundisi Thulasizwe Buthelezi osenguNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu eKZN kulandela ukhetho lwangomhlaka 29 kuNhlaba.
Umthombo: Celani Sikhakhane
