UMengameli we-IFP uthi uma intsha ilibele utshwala iyophaphama izwe seliphethwe abokufika kuleli abangaphuzi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UMengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa uxwayise intsha ukuthi uma iqhubeka nokucwila etshwaleni iyophaphama izwe seliphethwe abokufika kuleli.

UHlabisa ukusho lokhu ekhuluma namalungu e-IFPYB abengaphandle eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre nokuyilapho obekunengqungquthela yalolu phiko ngoLwesibili.

UHlabisa uthe kuhle intsha iqinise esikoleni ukuze izilungiselele ukuba abaholi nabaphathi bezwe bakusasa, nabazofukula umnotho waseNingizimu Afrika.

“Utshwala abubuyiseli, ngakho ngiyanicela ukuba nigxile esikoleni ngoba imfundo ivula yonke iminyango. Uyabona ngakithi kunobaba onebhizinisi likatshwala kodwa akubulokothi nhlobo. Akabuphuzi ngoba uyazi ukuthi uma engabuqala ibhizinisi lakhe lingawa. Okunye uma sibanentsha eyizidakwa, kuyovele kuthi ngelinye ilanga izwe lithathwe abokufika kuleli abangaphuzi,” kusho uHlabisa.

Kule ngqungquthela ye-IFPYB kubonakale okokuqala abaholi bayo becula izingoma eziqhakambisa uHlabisa njengoMengameli ngemuva kokuthi isikhathi esiningi bebeqhakambisa uMntwana wakwaPhindangene ekubeni esekhotheme.

Kuthiwa bebengafuni ngisho ukugqoka izikibha ezinobuso bukaHlabisa. Lokhu kwenze abahlaziyi bezombusazwe babaphendula ihlaya ukuthi lolu phiko luhambe lukhankasa ngomuntu osakhothama, lucela ngaye amavoti ekubeni ekhona uMengameli osesihlalweni.

Kule ngqungquthela i-IFPYB ibibhunga kabanzi ngeqhaza lentsha emnothweni wakuleli kanye nakuHulumeni woBambiswano.

Izihloko zakamuva