Lubhalwe nguLungani Zungu
UMengameli we-IFP uMnu Velenkosini Hlabisa uchaze umfelandawonye omusha we-EFF ne-ANC njengongemuhle.
UHlabisa uthe i-EFF ibifuna ukuhola uMasipala waseMhlathuze (Richards Bay) KwaZulu-Natal futhi yazisholo yona ukuthi izokweseka i-IFP kwabanye omasipala.
Uthe ngesikhathi i-IFP inqaba ubuholi be-EFF buvele bacasuka basabisa ngokuthi buzophuma esivumelwaneni ne-IFP KwaZulu-Natal.
“Siyi-IFP sikubeke kwacaca ukuthi ngeke sinikeze i-EFF uMhlathuze ngoba lokhu kuzobe kuwukubukela phansi ithemba nokwethenjwa kwe-IFP ngabantu baseMhlathuze,” kusho uHlabisa esithangamini nabezindaba eThekwini ngoMsombuluko.
UHlabisa ufunge wagomela ukuthi i-IFP ngeke ingene esivumelwaneni sombimbi esihlanganisa i-ANC okuyizimbangi zayo ezimuncu.
Ngesikhathi egeqa amagula uHlabisa uthe izithunywa ze-EFF “bezikhukhumele” komunye wemihlangano eThekwini ngesonto eledlule.
Komasipala abangu-29 i-IFP ibusa ngokubambisana namanye amaqembu – okuhlanganisa ne-EFF kanti uHlabisa uthe iqembu kungenzeka lilahlekelwe owodwa hhayi abangu-13 njengoba kubikiwe.
Kodwa-ke, uma kubhekisiswa izibalo nokulingana kwamandla komasipala abaningi KwaZulu-Natal abaphethwe umfelandawonye we-IFP ne-EFF, okungenani omasipala abahlanu bazophuma ezandleni ze-IFP ngenxa yokuthi i-EFF ishintshe isivumelwano yaya kwi-ANC.
Uma i-EFF ingaqhubeka nesinqumo sayo i-IFP ingase ilahlekelwe uMasipala wesiFunda iZululand, owakwaNongoma, Abaqulusi (Vryhied) kanye ne-Newcastle.
Umholi we-EFF, uMnu Julius Malema uthe usejube wonke amaphini ezimeya eqembu komasipala baKwaZulu-Natal ukuthi esule ezikhundleni ngokushesha ngoba abasasebenzisani ne-IFP.
Uphinde wathuka uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnu Bheki Mtolo wambiza “ngondingasthebeni” ongazazi ukuthi umiphi.
UHlabisa uthe: “Kwi-ANC KwaZulu-Natal nisazoqhubeka nokuchithwa futhi lo mfelandawonye ogcwele inkohlakalo ophakathi kwe-ANC ne-EFF ngeke uphazamise imashi yethu yokususa i-ANC kulesi sifundazwe ngonyaka ozayo.”
Esithombeni esingenhla: UMengameli we-IFP uVelenkosini Hlabisa