UMengameli we-Fifa usasematheni ngemuva kweNdebe yoMhlaba 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Abasebenzi bakumabonakude eNdebeni yoMhlaba yase-Qatar bayalelwa ukuthi bathwebule uMengameli we-Fifa uGianni Infantino okungenani kanye emdlalweni ngamunye, kodwa hhayi uma ekhuluma nomakhalekhukhwini wakhe.

Ama-imeyili athunyelwa ezindaweni zokusakaza ayequkethe imiyalelo ecacile mayelana nokuthi kufanele aqoshwe nini uMengameli we-Fifa.

I-HBS okuyi-Swiss-based Host Broadcast Service  esetshenziswa i-Fifa emidlalweni yeNdebe Yomhlaba yathumela imiyalelo emithathu ngokwakumele kwenziwe. 

Umyalelo wokuqala bekuwukuqopha u-Infantino okungenani kanye kuyo yonke imidlalo engu-64, njengoba uMengameli we-Fifa ekwazile ukuba ingxenye yomdlalo ngamunye.

Umyalelo wesibili wawuthi abavunyelwe ukuqopha u-Infaninto uma esebenzisa umakhalekhukhwini wakhe.

Ekugcineni abasebenzi batshelwa ukuthi uma u-Infantino ehlala eduze kwasheikh wase-Qatar kufanele aqoshwe ngenhla kwedolo ngenxa yezizathu zamasiko.

Isisebenzi sinikezwe isexwayiso ngokuqopha u-Infantino esebenzisa umakhalekhukhwini wakhe.

U-Infantino wayengafuni ukuthi isithombe sakhe sikhonjiswe ngaphakathi enkundleni, ngemuva kokuphoxwa izihlwele ngesikhathi kubhekene i-England ne-Wales.

Ngakho-ke, bekunezikhathi ezimbalwa lapho u-Infantino ubebonakala khona kumabonakude kodwa hhayi ezikrinini ezinkulu ngaphakathi kwenkundla.

Futhi lokhu kungenxa yokuthi u-Infantino uzakhele igama elibi njengesikhulu esiphezulu se-Fifa kulandela isithombe azishuthe sona eduze nebhokisi lalowo owayengumdlali webhola wase-Brazil ongasekho uPelé.

U-Infantino uphinde wazithola esenkingeni nabalandeli bebhola njengoba umngane wakhe wesikhathi eside, ongumpheki owaziwa ngelika “chef Salt Bae” angena enkundleni engagunyaziwe ngemuva kokuthi i-Argentina iphakamise iNdebe yoMhlaba.

Isithombe esingenhla: UGianni Infantino

Umthombo wesithombe: CNN

Izihloko zakamuva