UMengameli waseNingizimu Afrika usekhiphe isinqumo sokuthi izwe lizozila izinsuku ezine

Dylan Bettencourt

UMengameli uCyril Ramaphosa umemezele isikhathi sokuzila sezinsuku ezine kulandela ukudlula emhlabeni kowayenguMengameli wokugcina wobandlululo waseNingizimu Afrika uFW de Klerk ngesonto eledlule.

Ihhovisi likaMengameli esitatimendeni lithe ifulegi lesizwe lizophephezeliswa njengokuhlonipha lowo owayenguMengameli wobandlululo kusukela ngoLwesithathu kuze kube yiSonto.

Umndeni wakwaDe Klerk uhlele umngcwabo wangasese kuleli Sonto kanti uhulumeni uzohlela umngcwabo wesizwe kalowo owayenguMengameli ngokuhamba kwesikhathi.

UDe Klerk obeneminyaka engama-85, udlule emhlabeni ngoLwesine mhla ziyi-11 kuLwezi ngemuva kokuxinwa umdlavuza isikhathi eside.

“Uhulumeni uxoxisane nomndeni wakwa-De Klerk kanye neFW de Klerk Foundation njengengxenye yokulungiselela umngcwabo lapho abaholi bakahulumeni, abaholi bamaqembu ezombusazwe kanye nabamele izinhlangano zomphakathi bazobamba iqhaza,” kusho ihhovisi likaMengameli esitatimendeni.

“I-FW de Klerk Foundation ifisa ukumemezela ukuthi ukushiswa kwesidumdu nomngcwabo kaFW de Klerk kuzoba ngeSonto mhla zingama-21 kuLwezi. Kuzoba umngcwabo wangasese wamalungu omndeni futhi ngeke uvuleleke kwabezindaba,” kusho isitatimende senhlangano.

Ngemuva kokuba u-De Klerk ethathe umhlalaphansi kwezombusazwe wethula isisekelo esasihlose ukubamba iqhaza emphakathini njengomqaphi kanye nocabanga kabanzi.

Izihloko zakamuva