Dylan Bettencourt
USamia Suluhu Hassan unguMengameli wokuqala wesifazane e-Tanzania, kodwa usethuse izwe nomhlaba wonke ngenkathi ethi abantu besifazane abadlalela iminyaka engaphansi kwengama-23 kwiqembu lebhola abanayo imizimba ekhangisayo ukuba sebengathola imishado.
“Uma singabaletha lapha sibamise ulayini. Laba abanezifuba ezi-flat ungaze ucabange ukuthi abantu besilisa hhayi abantu besifazane” ukusho lokhu esendlini yombuso e-Dar es Salaam.
Lo Mengameli oneminyaka engama-61 uqale wahalalisela iqembu ngokuwina inkomishi ye-East and Central Africa Football Association challenge.
UMengameli uSuluhu Hassan uveze ukuthi abanye abadlali angeke bayithole imishado ngenxa yendlela abayiyo uthe “impilo yomushado iyiphupho kubo”.
Izinto azishilo zilande amehlo abantu abaningi kwizinkundla zokuxhumana.
Omunye ubhale ku-Twitter wathi “lena yinto eshiwo uMengameli wokuqala wesifazane eyisho kubantu besifazane ababhekene nenselelo enkulu ekudlaleni ibhola lezinyawo ngokuzimisela”!
“Akakhulumanga okungesiko, kodwa uphinde waqamba amanga lento ayishoyo akusilo iqiniso” kusho abanye bekhuluma ku-Twitter.
“Ukhuluma ngokuthi abantu besifazane abanezifuba ezi-flat abangabasubathi abekho ezingeni lokuthola imishado, kodwa lokhu akukaze kuhlolwe phambilini.
Umthombo wesithombe: @AlJazeera