UMengameli wase-Russia nesomdlavuza

Arthur Greene

Kubikwa ukuthi onogada bakaMengameli wase-Russia uVladimir Putin banikezwe umsebenzi ongemuhle wokuqoqa indle yakhe ngesikhathi evakashele amazwe angaphandle. 

Kuthiwa uma sebeyiqoqile indle bayibuyisela e-Russia ukuze igcinwe iphephile.

Le mibiko exakile ibhebhethekise ukuqagela obekuvele kukhona ngempilo kaPutin, njengoba abanye bethi lo Mengameli uzama ukugwema ukuthi amazwe angaphandle angakwazi ukuhlaziya impilo yakhe.

Sekuphele iminyaka eminingi amalungu e-Federal Protection Service (FSO) ephelezela uMengameli uma eya endlini yangasese, ukuze afake indle yakhe esikhwameni, ngokusho kochwepheshe base-Russia uRegis Gente kanye noMikhail Rubin.

Izintatheli ezingomakadebona zabhala kwi-Paris Match ukuthi amasampula endle kaPutin aqoqwa ngenkathi evakashele e-France ngomhlaka-29 kuNhlaba ngo-2017 kanye nase-Saudi Arabia ngoMfumfu ngo-2019.

Kuzona zombili lezi zigameko kusolwa ukuthi onogada bakhe bamlandela bayongena naye endlini yangasese noma beza nendlu yangasese ekhethekile.

Kwesinye isigameko e-Paris, uPutin waqoshwa eyongena endlini yangasese ehamba nonogada abayisithupha, oyedwa wabo waphuma esephethe isikhwama.

Selokhu lo Mengameli (69) aqala ukuhlasela i-Ukraine ngomhlaka-24 kuNhlolanja, siyakhula isibalo semibiko ecabanga ukuthi uhlushwa uhlobo oluthile lomdlavuza.

Embikweni we-Paris Match, uchwepheshe wase-Russia u-Anders Åslund uthe: “Incazelo enengqondo kunazo zonke ukuthi uPutin uhlushwa ukugula okunzima futhi onogada bakhe be-FSO benza okusemandleni ukugwema noma yikuphi ukuhlaziywa kwempilo yakhe okungenziwa ngamanye amazwe”.

Imibiko yokugula kukaPutin ayiqinisekisiwe, futhi isekelwe kakhulu ngobufakazi bevidiyo. Isibonelo nje, ubuso bakhe bubonakala bukhukhumele, okwenza abanye bacabange ukuthi welapha ukugula ngama-steroid.

Kodwa-ke, umthombo ongaphakathi e-Kremlin ubike ukuthi uPutin ubedinga usizo oluphuthumayo ngesikhathi kunomhlangano wamasosha.

Isiteshi se-Telegram i-General SVR ibike ukuthi uzizwe “egula, ebuthakathaka futhi ephethwe isiyezi” ngesikhathi esukuma edeskhini lakhe.

Ngenyanga edlule, owayeyinhloli yase-Russia u-Boris Karpichkov uthe uPutin “akasenayo iminyaka engaphezu kwemibili kuya kwemithathu ephila”, wengeza ngokuthi “unohlobo olubi lomdlavuza okhula ngokushesha”.

Izihloko zakamuva