UMengameli wase-Malawi uhloniphe isihlabani somculo esineminyaka engu-92

Everson Luhanga

UGiddes Chalamanda kanye nendodakazi yakhe uLinny bebeyizihambeli ezihloniphekile e-Malawi State House ngomhlaka-20 kuMasingana njengengxenye yokugubha usuku lwakhe lokuzalwa njengoba ubehlanganisa iminyaka engu-92.

UMengameli uLazarus Chakwera ubebize uChalamanda e-Kamuzu Palace e-Lilongwe, lapho uMengameli wase-Malawi enikeze lo mculi isipho nendondo yokumhlonipha.

“Ukhombisile ukuthi umuntu angasebenzisa ikhono lakhe lomculo impilo yakhe yonke,” kusho uChakwera etshela uChalamanda.

Emazwini akhe uChalamanda ubonge uMengameli ngokumkhumbula.

Samsung Galaxy 14G

UChalamanda waqala umsebenzi wakhe womculo phakathi konyaka ka-1940 lapho ayezifundisa khona ukudlala isiginci se-Gallon.

Waqala ukuqopha ngonyaka ka-1970 emsakazweni wezwe, i-Malawi Broadcasting Corporation.

Ngonyaka odlule, inguqulo ye-reggae yengoma yakhe eshisa izikhotha ethi “Linny”, ayenza noPatience Namadingo, yasakazwa kwi-Tiktok futhi yaduma umhlaba wonke.

Kwenye yezingoma zakhe zakudala uChalamanda ucula ekhuluma ngesifiso sakhe sokuvakashela eMelika.

Iphupho lakhe lafezeka ngonyaka ka-2016 esekhulile eneminyaka engu-86.

UChalamanda usebenzise ithuba lakhe ukunxusa uMengameli uChakwera ukuthi alungise umkhakha wezobuciko okhungethwe izinkinga kuleli.

Emuva komcimbi wokugubha usuku lokuzalwa, uMengameli ekhasini lakhe lika-Facebook ngokusemthethweni uthe usethintene noChalamanda ezintweni eziningi ezibalulekile ezidinga ukulungiswa.

“Bengimeme inkakha kwezomculo, uGiddes Chalamanda, saxoxa   ngemibono yakhe ngomculo, ezobuciko, nomlando womsebenzi wakhe,” ebhale ku-Facebook. 

“Ngesikhathi sixoxa, uGiddes unginike ulwazi mayelana nokuthi uhulumeni ongcono kakhulu kanye nemboni yomculo ingabambisana kanjani ekudaleni amathuba emisebenzi kanye nengcebo ebandakanya bonke abantu base-Malawi.”

Scrolla World Cup Quiz