Arthur Greene
Njengoba ukhetho lukazwelonke lwase-Kenya lusondela, uMengameli ophumayo, u-Uhuru Kenyatta wehlise intengo kafulawa wommbila ngesigamu.
Ngaphambi kwangoLwesithathu, isaka likafulawa lommbila lika-2 kg belibiza u-$1.77 (u-R30.22), manje selibiza u-$0,84 (u-R14.34).
Ufulawa wommbila usetshenziselwa ukwenza i-ugali, iphalishi eliqinile nelinesitashi eliwukudla okuyisisekelo kuleliyazwe.
Yize abamgxekayo bemsola ngokuzama ukukhankasela amavoti kwabamesekayo, uKenyatta uthe lesi sinyathelo sibalulekile ukuze kubhekanwe nezindleko zokuphila ezweni.
Isomiso ezweni lonke kanye nokukhuphuka kwentengo kaphethiloli kwenze intengo yempahla inyukele phezulu ezinyangeni ezedlule. UKenyatta usole ukunyuka kwamanani entengo ngokwenza inzuzo ngabagayi bommbila.
I-Bureau of Statistics yase-Kenya ikhombise ukuthi izindleko zokudla beziphakeme ngo-12.4% ngoNhlaba kulo nyaka nanyakenye.
Njengoba sekusele amasonto amathathu ukuthi kube nokhetho lukazwelonke, izimbangi zikaKenyatta zibuze ukuthi kungani ekhethe ukwehlisa intengo kafulawa wombila ngalesi sikhathi.
IPhini likaMengameli uWilliam Ruto, ongenele ukhetho lukaMengameli nophinde abe imbangi enkulu kaKenyatta kwezombusazwe, usole uMengameli ngokuzama ukuphazamisa imiphumela yokhetho lwangomhla ziyisishiyagalolunye kuNcwaba.
“Uhulumeni ufuna ukwehlisa intengo ye-unga [ufulawa wommbila] ngoba sekusondele ukhetho,” kusho uRuto ekhuluma emhlanganweni wokukhankasa kuleli sonto.
URuto ukholelwa ukuthi uKenyatta, ongangenile okhethweni, uzama ukukhankasela uRaila Odinga.
Ukhetho lusadida njengoba kungashiwo ukuthi ubani ozowina njengoba ucwaningo lwakamuva olwenziwe i-TIFA Research ekuqaleni kwale nyanga lubeka ukusekelwa kuka-Odinga ku-42% ngesikhathi uRuto elandela ngemuva ngo-39%.