Arthur Greene
UMengameli wase-France udale umsindo ngemuva kokutshela iphephandaba ukuthi isu lakhe elisha lokugqugzuzela ukugoma “ukucasula” labo abaphikisana nomgomo ukuze bayogoma.
“Angifuni ukucasula abantu base-France,” kusho u-Emmanuel Macron etshela i-Le Parisien ngoLwesibili.
“Kodwa-ke ngifuna ukucasula abangagomile. Ngifuna siqhubeke nokwenza lokhu kuze kube sekugcineni.”
UMacron uqhubeke wathi “embusweni wentando yeningi, izitha ezimbi kakhulu amanga nobuwula.”
“Sizofaka ingcindezi kulabo abangagonyiwe ngokubenzela imikhawulo emisebenzini yabo abajwayele ukuyenza.”
Kwingxoxo bebekhuluma ngesiFulentshi, ngenkathi igama elisetshenziswe uMnu Macron belithi-“emmerder”, okuyigama elichaza “ukunengeka”, kodwa ngokwase-France lisho “ukucasuka”.
Ukuphawula kukaMacron kwenze ukuthi kucatshangwe imithetho emisha, okuzothi uma iphasiswa, abantu abangagonyiwe ngeke bakwazi ukungena ezindaweni eziningi zomphakathi, ngisho noma behlolwa ukuthi abanalo igciwane.
Ama-cinema, izindawo zokucima ukoma, amakilabhu, izindawo zokudlela, isigcinamagugu ngisho nezitimela ezithile nezindiza kuzobe kuyizinto abangeke bavumeleke ukuzisebenzisa.- kanti lokho kuzocasula abaningi.
Umthombo wesithombe: @OANN