UMengameli wase-Burkina Faso usexoshe uNdunankulu wezwe

Arthur Greene

UMengameli wase-Burkina Faso, uRoch Marc Christian Kabore, usexoshe uNdunankulu wezwe, njengoba kuqubuka imibhikisho yasemgwaqeni ngenxa yokwehluleka kahulumeni ukulwa nokuhlasela kwama-Jihadist.

UNdunankulu uChristophe Joseph Marie Dabire wethule incwadi yokwesula ngoLwesithathu, uMengameli wayamukela.

Ukwesula kukaDabire kuchazwe njengokuxoshwa okungekho emthethweni emithonjeni yezindaba eminingi, njengoba ababhikishi kanye neqembu eliphikisayo kuleliya lizwe, ezinyangeni ezedlule, babephakamisa ukuthi akahambe.

Ukuxoshwa kwakhe kudale ukwesula kukahulumeni wonke, njengokusho komthetho wase-Burkina Faso.

Lesi sinyathelo siza phakathi kwenkinga yezokuphepha ekhulayo kwelinye lamazwe ampofu kakhulu eNtshonalanga ne-Afrika.

Kusukela ngonyaka wezi-2016, bayizi-2,000 abantu asebebulewe ngokuhlaselwa kwama-Jihadist ezweni ikakhulukazi labo abayi-Al-Qaeda kanye nalabo abazibiza nge-Islamic State, ngokusho kwe-France24.

Bangaphezu kwezigidi eziyi-1.4 abantu abaphoqeleke ukuba bashiye amakhaya abo njengoba impi yezwe ilwela ukubhekana nezinhlangano zamaphekula ezihlome kahle.

Kwezinye izigameko zokuhlasela ezabulala abantu abaningi ezenzeke eminyakeni yakamuva nje, kwashona abantu abangama-57 ngesikhathi kuhlasela isikhulu samaphoyisa enyakatho yezwe phakathi noLwezi.

Ngemuva kwalokhu kuhlasela, imibhikisho emelene nohulumeni ibigcwele edolobheni elikhulu i-Ouagadougou. Kube nezigameko eziningi zemibhikisho egcine isiphenduke udlame njengoba amaphoyisa edubule nge-teargas  kwisixuku.

Ngalezi zinxushunxushu zezombusazwe, uMengameli wagcizelela isidingo “sekhabhinethi eqinile”.

Ngemuva kokuxoshwa kwakhe ngoLwesithathu, uDabire unxuse izakhamuzi ukuthi “zisekele uMengameli… kanye nesigungu esisha esizofakwa”.

Uhulumeni ophumayo uzohlala ekhona kuze kuqokwe ongenayo.

Izihloko zakamuva