UMengameli wakuleli nethemba lokuxazulula ezaseRussia ne-Ukraine

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

UMengameli uCyril Ramaphosa usefikile e-Poland ukuzoqala izingxoxo zokufuna uxolo nokuthula phakathi kwe-Ukraine ne-Russia.

URamaphosa ongomunye wabaholi abalalelwa uMengameli wase-Russia, uVladimir Putin angakwazi ukwakha ukuthula nokuxoxisana phakathi kwe-Russia ne-Ukraine.

Inkwazi okuyindiza kaMengameli ebiza u-R408 million ifike esikhumulweni sezindiza e-Warsaw Chopin ngoLwesine isuka e-Geneva, e-Switzerland okuyilapho uMengameli uRamaphosa abekhuluma khona engqungqutheleni ye-Work Summit.

Abanye abaholi base-Afrika abakuloluhambo noRamaphosa kubalwa uMengameli we-Republic of Congo

uDenis Sassou Nguesso, uMengameli wase-Egypt u-Adel Fattah al-Sisi, uMengameli wase-Senegal uMacky Sall, uMengameli wase-Uganda uYoweri Museveni, uMengameli wase-Zambia uHakainde Hichilema kanye no-Azali Assoumani uMengameli wase-Comoros futhi onguSihlalo wamanje we-African Union.

OMengameli kulindeleke ukuthi bathathe uhambo lwesitimela lwamahora ayisikhombisa besuka e-Poland beya e-Kiev beyobona uMengameli wase-Ukraine, uVolodymyr Zelensky ngoLwesihlanu ngaphambi kokulibangisa e-St Petersburg ukuyohlangana noMengameli wase-Russia uPutin.

Ukumiswa kwezikhali kubaluleke kakhulu kuleli njengoba lizosingatha ukuhlangana kwabaholi bamazwe e-Brics ngoNcwaba.

Ngokwemiyalelo ye-International Criminal Court, uMengameli uRamaphosa ungaphansi kwengcindezi yokuthi abophe uPutin uma ehambele le ngqungquthela.

I-ICC ikhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kukaPutin ngamacala empi okuhlanganisa nokudingiswa kwezingane zase-Ukraine ezweni lase-Russia ngokungemthetho.

Umphumela omuhle ovela kulo mkhankaso wokuthula uzoqeda uvalo lokuthi elakuleli lichema ne-Russia nakuba lithi alithathi hlangothi kwizingxabano ezikhona.

Izwe liphinde lasolwa iMelika ngokudayisela i-Russia izikhali nokuzihlanganisa ekuzilolongeni namasosha ase-Russia okuyiwona ahlaselayo.

URamaphosa uthe ukungathathi hlangothi kwizingxabano akusho ukuthi elakuleli alinalo uhlangothi ngempi yase-Ukraine.

“Lokho akusho ukuthi asinawo umbono ngombango we-Russia ne-Ukraine.”

“Ngokuvumelana nokuma kwethu ngezingxabano ezikwezinye izingxenye zomhlaba, umbono wakuleli owokuthi umphakathi wamazwe omhlaba udinga ukusebenzisana ukuze kunqandwe ukulwa ngokushesha futhi kugwenywe ukushona kwabantu nokuhamba kwezakhamuzi e-Ukraine.”

Izihloko zakamuva