Dylan Bettencourt
Njengoba imigubho yokunqoba kweBanyana Banyana iqhubeka uMengameli uCyril Ramaphosa uthembise ukuthi bazokhokhelwa imali elinganayo neBafana Bafana.
Njengoba iqembu liqhakaza ngezindondo zalo zegolide ezintanyeni uMengameli uthe kuningi okusamele kwenziwe ukuze kuqinisekiswe iholo elilinganayo ebholeni.
“Bafanelwe umholo olinganayo ngomsebenzi abawenzile. Ngike ngatshelwa ukuthi bahola ngaphansi ngokuphindwe kayishumi kunozakwenu besilisa futhi lokho kumele kuphele.
Kumele bahole ngendlela elinganayo,” kusho uRamaphosa e-Union Buildings lapho obekuqhubeka khona imigubho ngoLwesithathu.
UMengameli we-Safa uDanny Jordaan uthe akakwazi ukuqhubeka nokweseka umbono wokuthi uma iBafana Bafana idlala ithola okungaphezulu kwalokho okutholwa iBanyana Banyana.
Uthe: “Kufanele kuphele lokho.
Iqembu lebhola labesifazane lakuleli libuyele ekhaya ngoLwesibili ngemuva kokunqoba i-Women’s Africa Cup of Nations (i-Wafcon) ngempelasonto.
Izinkulungwane zabasekeli zihlangane esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International ukuze zamukele iqembu.
Namuhla izinhliziyo zethu ziphuphuma injabulo enkulu,” kusho uRamaphosa.
“Bathembise ukuthi bazobuya nendebe benza njalo.”
Uthe ngesikhathi iBanyana ingena enkundleni ngoMgqibelo ebusuku e-Rabat bangu-60 million abantu bakuleli abebebukela umdlalo.
Uthe: “Besibabuka sengathi amasosha aya empini.
“Kudingeka sinyuse iholo labadlali besifazane abasebasha abenze izwe lakithi laziqhenya. Kumele siqede yonke inqubo yokungatholi amaholo alinganayo ohlelweni lwethu. Uma abesilisa nabesifazane benza umsebenzi olinganayo iholo kumele lifane.” Uthe abantu besifazane abasakwazi ukuphathwa ngendlela engafanele.
URamaphosa uchaze ukuthi uzosungula uhlelo okuzotholwa umhlolo olinganayo ngomsebenzi olinganayo.
“Kungase kuthathe isikhathi ukuthi sifike lapho, kodwa kulokhu ngithanda ukubona laba besifazane abenze elakuleli laziqhenya kangaka bengezelelwa amaholo,” kusho uRamaphosa.
Umthombo wesithombe: @SAGovNews