Lungani Zungu
Isikhathi siyahamba sokuthi uMengameli uCyril Ramaphosa aqoke umphathi omkhulu omusha wamajaji njengoba isikhathi somphathi omkhulu uMogoeng seminyaka eyi-12 ngoNcwaba.
Ingcindezi iya ngokunyuka, kumele uRamaphosa aqoke owesifazane wokuqala njengejaji elikhulu lezobulungiswa ukuba ahole inkantolo ye-apex.
Amagama ephini eliphethe amajaji uRaymond Zondo kanye noLeona Theron, baqala ukuba amajaji enkantolo yomthethosisekelo selokhu kwaba unyaka wezi-2017, kanti ijaji uMaya, unguMengameli wamanje wenkantolo enkulu yokudluliswa kwamacala, bangabanye balabo abasohlwini.
Ijaji uMaya waqokwa esikhundleni sakhe ngowezi-2017.
Inkantolo yomthethosisekelo ikhombisile kulo nyaka ukuthi akekho ongaphezulu komthetho ngesikhathi igweba owayenguMengameli uJacob Zuma izinyanga eziyi-15 ebhadla ejele.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi akazange afike phambi kwejaji amahlandla amabili eceliwe ukuba avele phambi kwekhomishini lokulawulwa kombuso.
UMogoeng wathatha ikhefu lesikhathi eside ngoNhlaba. Ngesikhathi ikhefu yakhe iphela, uzobe esesalelwe izinsuku ezine njengejaji elikhulu lobulungiswa ngaphambi kokuba isikhathi sakhe siphele.
URamaphosa onelungelo lokuqoka umphathi wamajaji omkhulu, usalokhu edla amathambo engqondo ngalolu daba.
Iphini likanobhala jikelele weqembu le-ANC uJessie Duarte wenze izinhloso zakhe zacaca ngesikhathi ethi bafuna uMengameli aqoke owesifazane njengejaji elikhulu lobulungiswa.
URamaphosa uzithola ebhekene nengcindezi enkulu ngalolu daba njengoba abanye abaholi beqembu le-ANC bekuveze obala ukuthi ibibaphethe kabi indaba kaJacob Zuma yokuthi bamgqume ejele.
Iqembu le-ANC laKwaZulu-Natali ilona elize ngamuva lisola abezobulungiswa ngokuchema ngendaba kaZuma.
UMqapheli Bonono, oyiphini leqembu elizibiza nge-Lobby, abahlala emikhukhwini, bafuna ozoqokwa njengejaji elikhulu lobulungiswa akwazi ukuvikela amalungelo abantu abanhlwempu.
“Esikufunayo ukuthi thina, abantu abanhlwempu, sikwazi ukujabulela amalungelo ethu okuthola izindlu namanzi ahlanzekile kanye nokunye.”
“Sithemba ukuthi ozoqokwa njengejaji elikhulu uzolwela ukulingana eNingizimu-Afrika ngandlela zonke.”
Isizwe silindele ukubona uRamaphosa ememezela ijaji elikhulu lobulungiswa elisha – elizoba nomsebenzi omkhulu wokuqhuba intando yeningi yomthethosisekelo.