Dylan Bettencourt
“Asikho isisekelo sale mibhikisho. Konke lokhu okwenziwayo ezweni ubugebengu.”
UMengameli uCyril Ramaphosa, ekhuluma mayelana nemibhikisho eqhubekayo e-Gauteng, eKZN naseMpumalanga, uthe uMthethosisekelo waseNingizimu Afrika uyabavumela abantu ukuthi bazwakalise ukukhathazeka kwabo futhi bazwakalise umbono wabo ngemibhikisho enokuthula.
“Yize bekhona abangaphathekile kahle futhi bathukuthele ngalesi sikhathi, ngeke kube khona ukuvikeleka ngalezi zenzo zodlame, ezibhubhisayo neziphazamisayo,” kusho umengameli.
Uthe lezi zenzo zodlame zifaniswa nokugqugquzela ukulwa phakathi kobuhlanga.
“Lokhu kumele kugxekwe yiwo wonke umuntu. Siyisizwe esizibophezele ekungabandlululeni ngokobuhlanga nokungacwasi ngokwebala okwenziwa ukwehluka kwabo bonke abantu baseNingizimu Afrika,” kusho yena.
Imibhikisho iqhubeke kwaze kwaba nguMsombuluko kungakhombisi nokwehla kwezinga.
URamaphosa uthe lezi zenzo zodlame zibambezela umnotho osuvele udonsa kanzima njengoba izitolo ziphangwa zicekelwa phansi futhi kulimaza imizamo kahulumeni yokwakha kabusha umnotho.
Bangaphezu kwama-200 abasolwa ababoshiwe kanti abantu abayisithupha bashonile eKZN nase-Gauteng kusukela ngeSonto ngemuva kokuqubuka kwemibhikisho enodlame ezifundazweni zombili.
Isitatimende esikhishwe yi-National Joint Operation and Intelligence Structure sithi amaphoyisa akulezo zifundazwe azoqapha ngeso lokhozi.
Le mibhikisho iyimizamo yokuthi lowo owayengumengameli wezwe, uJacob Zuma, akhululwe kusigwebo sakhe sezinyanga eziyi-15 anikwe sona ngenxa yokwedelela inkantolo.
UZuma waboshwa wagcinwa esitokisini ngesonto eledlule ngoLwesithathu njengoba abalandeli bakhe abaqotho bethi makadedelwe.