URamaphosa uyishaya emumva ayishaye phambili kweyesibalo sekhabhinethi

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki


UMengameli Cyril Ramaphosa useluvumile udaba lokuthi ikhabhinethi elinoNgqongqoshe abangu-30 namaPhini angu-36 likhulu kakhulu.

Wathembisa ukuthi uzoyinciphisa ngo-2019.

Kodwa ngesonto eledlule wengeze omunye uNgqongqoshe ozobhekelela ugesi kanye noNgqongqoshe wezokuhlela, ukuqapha nokubhekelela izinto.

Esinye isikhundla sinikezwe isekela lesibili likaNobhala we-ANC uMaropene Ramakgopa, isikhundla sakhe sivuleke engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC ngoZibandlela.

Abagxekayo bathi uMengameli uRamaphosa usebenzisa isikhwama sombuso ukuze ehlise umthwalo wokuhola i-ANC.

ONgqongqoshe bakuleli namaPhini oNgqongqoshe bahola imali elinganiselwa ku-R2.6 million no-R2 million ngonyaka kanye nenzuzo yemali engu-R800 000, ukuvumeleka ukuba nabasebenzi bakho abangu-15, baphinde bangawakhokheli amanzi, ugesi noma izinsiza zikaMasipala. 

Umholi weqembu eliphikisayo uJohn Steenhuisen uthi manje asemaningi kakhulu amasekela oNgqongqoshe kunalawo ekhabhinethi kalowo owayenguMengameli uJacob Zuma ngesikhathi seminyaka eyisishiyagalolunye eyamosheka.”

URamaphosa uhlekise ngokuthi abagxeki bakhe behlisa ingxoxo ebalulekile yaba indlela elula.

“Ukuba khona kwenani eliphezulu loNgqongqoshe kuhle kumbi,” esho encwadini yakhe yamasonto onke ethi-From the Desk of The President.

Ngesikhathi engena esikhundleni uRamaphosa wehlise isibalo soNgqongqoshe sisuka ku-34 saya ku-28 wathembisa ukusinciphisa nakakhulu.

Iqhinga likaRamaphosa nokho libukeka lingaqinisekile.

Uhlanganise uMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu noMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle ngo-2019. Kodwa ngo-2021 wathi “imithombo yamanzi kumele ayihlukanise ngeMnyango.

“Ngo-2019 sihlanganise inqwaba yeMnyango okubalwa ezohwebo nezimboni kanye nokuthuthukiswa komnotho, iMfundo ePhakeme ebhekelela isayensi nezobuchwepheshe, ezemvelo namahlathi nezokudoba, ezolimo nokubuyekezwa komhlaba kanye nezasemakhaya nentuthuko, phakathi kokunye.”

Uthe iHhovisi likaMengameli kanye noMgcinimafa Kazwelonke bazokhipha uhlelo lokuqhubeka nokucutshungulwa kwekhabhinethi oluzosetshenziswa eminyakeni emithathu ezayo.

“I-Presidential State-Owned Enterprises Council yenza umsebenzi ofanayo. Yenza ukubuyekezwa okujulile kwawo wonke ama-SOE abalulekile.”

Lokhu kumiswa kabusha kombuso kuzoholela ekuvalweni koMnyango Wezamabhizinisi Kahulumeni njengoba u-Eskom uzothuthela eMnyangweni wezokumbiwa namandla, u-Transnet athuthele eMnyangweni wezokuthutha.

Izihloko zakamuva