Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
UMengameli uCyril Ramaphosa uvakashele imindeni ebhekene nobuhlungu ngemuva kwezikhukhula eMthatha ezibulale izingane zesikole zacekela phansi imigwaqo, amabhuloho nemizi kuleli sonto.
Uhulumeni umemezele isimo senhlekelele ezifundazweni ezine ukuze kuphuthunyiswe usizo futhi uthembise ukwesekwa okuphuthumayo emiphakathini ethintekile.
UMengameli uCyril Ramaphosa ubize izikhukhula ezibulala abantu abaningi e-Eastern Cape njengenhlekelele enkulu futhi wasola nokushintsha kwesimo sezulu.
Uhambele eMthatha ngoLwesine ukuyohlangana nemindeni ekhahlanyezwe izikhukhula. Babalelwa ku-80 abantu abashonile kanti inqwaba ilahlekile ngemuva kwemvula enamandla ehlasele isifundazwe isonto lonke.
“Lena yinhlekelele enkulu kithina, edalwa ukuguquka kwesimo sezulu ngoba asijwayele ukuhlasela izikhukhula ebusika,” kusho uRamaphosa.
Uthe i-Eastern Cape ijwayele ukubona amakhaza ngalesi sikhathi sonyaka, kodwa manje isibhekene nezikhukhula ezibeka izimpilo zabo engcupheni.
“Lokhu kukhombisa ukuqina kwendaba yokuguquguquka kwesimo sezulu.”
URamaphosa uye eFeta Bridge eMthatha, lapho kuguguleke khona ibhasi lesikole ngemuva kokuwa kwebhuloho. Izingane eziyisithupha kweziyishumi ebezigibele ziminzile. Izingane ezine azikatholakali. Umshayeli nomsizi wakhe nabo bashonile.
Ubehambisana noNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMnuz Velenkosini Hlabisa, uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo uSiviwe Gwarube, iMeya yesifunda sase-OR Tambo uMesuli Ngqondwana kanye nomsunguli we-Gift of the Givers uDkt Imtiaz Sooliman.
Umsebenzi wezimo eziphuthumayo wendawo utshele uMengameli ukuthi amanzi ezikhukhula akhuphuke kakhulu ezindlini eziseduze ngesikhathi kufika ithimba labatakuli.
UHlabisa uthe umshayeli weqe ibhuloho eyolanda izingane wacabanga ukuthi kusaphephile endleleni ebuyayo.
UNgqongqoshe wezeMpilo u-Aaron Motsoaledi utshele uRamaphosa ngo-Ongezwa Ntlabathi waseLimpopo oshonelwe ngunina nezingane ezimbili ezincane. Ingane yakhe endala ayikatholakali.
“Siyaxolisa ngoba kubuhlungu kakhulu ukulahlekelwa yingane yakho noma umzali wakho,” kusho uRamaphosa. “Ngilapha ngoba akuvamile ukuthi abantu abaningi bashone ngesikhathi esisodwa.”
Uhulumeni umemezele isimo senhlekelele e-Eastern Cape, e-Western Cape, iKwaZulu-Natal nase-Free State. Lokhu kuvumela usizo oluphuthumayo ukuthi lulethwe ngokushesha.
URamaphosa uphinde wanxusa ukuthi kube nosuku lukazwelonke lokuzila.
Uxwayise abantu ngokwakha imizi emfuleni, wathi lokho kubeka impilo yabo engcupheni. Kodwa uthe uhulumeni uzogxila ekungcwabeni abashonile.
UNgqongqoshe wezeMpilo e-Eastern Cape, uNtandokazi Capa, uthe izidumbu ezingu-70 sezihlinziwe. Uthe ezingu-30 sezibuyiselwe emindenini.
“Sinesiqiniseko sokuthi ekupheleni kwanamuhla konke lokho kuzobe sekwenziwe.
Senze yonke i-autopsy kuyo yonke imizimba. Sisele nemizimba eyisishiyagalombili kuphela etholwe izolo. Simatasa nayo manje,” kusho uCapa.
URamaphosa uthembise ukuthi izikhulu zizohlola ukuthi imindeni idinga luphi usizo wanxusa ukuthi kube nesineke njengoba isaqhubeka imizamo yokulungisa isimo.
“Sizoqhubeka nokuneseka silethe nosizo oludingekayo ukuze bangabhekani nobunzima ngaphezu kwalokhu ababhekene nakho,” usho kanje.
Esithombeni esingenhla: UMengameli Cyril Ramaphosa uvakashele eMthatha ngemuva kwezikhukhula ezidlule nemiphefumulo yabantu abangaphezu kuka-80 kuleli sonto
Umthombo wesithombe: GCIS