Arthur Greene
Ngemuva kwezikhukhula ezicekele phansi izingxenye eziningi KwaZulu-Natal naseMpumalanga Kapa ngesonto eledlule, uMengameli uCyril Ramaphosa usememezele isimo senhlekelele kuzwelonke.
UMengameli umemezele lesi sinqumo ngesikhathi ekhuluma nesizwe ngoMsombuluko ebusuku.
Uxwayise ngokuthi kungenzeka ukuthi isizwe asikasiboni isiphepho sokugcina, njengoba abakwa-South African Weather Service bebikezela ukuthi kuzoba neziphepho ezinamandla esifundazweni sase-North West nase-Free State ezinsukwini ezizayo.
UMengameli umemezele ukuthi uNgqongqoshe we-Cogta, uNkosazana Dlamini Zuma, uzohola izingxoxo eziphuthumayo zikahulumeni ezigabeni ezintathu.
Esigabeni sokuqala, usizo olusheshayo luzosatshalaliswa kuwo wonke umuntu othintekile ngalezi zikhukhula.
Esigabeni sesibili, imizamo “izogxila” ekuzinziseni nasekubuyiseleni kabusha, ukubuyisela abantu abalahlekelwe izindlu kanye nokubuyisela ngokuhlinzekwa kwezinsiza.”
Esigabeni sesithathu nesokugcina, imizamo “izogxila ekwakhiweni kabusha njengoba izindawo eziningi zicekeleke phansi kuhlanganisa nengqalasizinda,” kusho uMengameli.
UMengameli uqhubeke nokuchaza ezinye zezimpendulo kule nhlekelele:
Umbutho wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika noMbutho Wezokuvikela kazwelonke benze imisebenzi yokuhlenga abantu abangu-247 kusukela kuqale lezi zikhukhula.
Izindawo ezingenawo amanzi zihlinzekwa ngamathangi amanzi.
Izindlu zesikhashana zizoqala ukwakhiwa ekupheleni kwesonto.
Usizo lwezezimali ngohlelo lwamavawusha luyenziwa ukusiza ukuthi kwakhiwe amakhaya kabusha.
UMnyango wezokuThuthukiswa kosomabhizinisi abancane uqoqa izimali zokulekelela osomabhizinisi abancane abakhahlanyezwe yizikhukhula.
Kuzosungulwa isikhwama sokuthi abaxhasi baseNingizimu Afrika nabakwamanye amazwe bafake isandla emizamweni yokusiza.
UMengameli uthe sekuqalile ukucubungula ukubala ukuthi ungakanani umonakalo odalwe yizikhukhula. Yize engakwazanga ukunikeza inombolo eqondile, akangabazi ukuthi kuzodingeka izigidigidi zamarandi ukuze kwakhiwe kabusha.