Lungani Zungu
UMengameli wase-Zambia osanda kuqokwa uHakainde Hichilema uthembise abantu base-Zambia abangaphezu kwezigidi eziyi-17 ukuthi uzoletha ushintsho – futhi kubonakala sengathi ushintsho seluqalile.
Ngemuva kwamasonto amabili esesikhundleni ngemuva kokunqoba u-Edgar Lungu, usexoshe izinduna zamasosha waqasha nokhomishani abasha bamaphoyisa abasayine isahluko esisha kubantu bakhe.
NgeSonto, uHichilema umemezele uLieutenant-General Dennis Alibuzwi njengomphathi omusha wamasosha ozosekelwa nguMajor-General Geoffrey Zyeele.
Uphinde waqoka uRemmy Kajoba njengoMhloli-Jikelele wamaphoyisa noMilner Muyambango njengePhini lakhe lokusebenza.
UDoris Chibombe uzosebenza njengePhini likaMhloli-Jikelele Wezamaphoyisa ophethe Ezokuphatha.
Izinduna zamasosha kanye nokhomishani bamaphoyisa abaxoshiwe basolwa ngokungasebenzi kahle ngesikhathi sika-Edgar Lungu. UHichilema uqobo uyisisulu samaphoyisa njengoba aboshwa ngowezi-2016 ngamacala okuvukela umbuso.
Ngesikhathi ememezela abasha abazophatha, unxuse amaphoyisa ukuthi ahlole ngokuphelele ngaphambi kokubopha abasolwa.
“Akekho umuntu okufanele aboshwe ngaphambi kokuba kuphothulwe uphenyo,” esho.
Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yokugcotshwa ngesonto eledlule, uHichilema wafunga ukuthi uzokuqeda lokho akubiza ngokuthi “ubugebengu kwezombusazwe”.