UMengameli uCyril Ramaphosa useqoke amagama amane okuzokhethwa kuwo umphathi wamajaji

UMengameli uCyril Ramaphosa usedlulisele amagama abantu abane kukhomishana yemisebenzi yezobulungiswa ukuze acutshungulwe ukuthi afanele yini ukwengemela isikhundla sokuba umphathi wamajaji.

Kungokokuqala emlandweni waseNingizimu Afrika ukuthi uMengameli aqoke abantu abane. Ngokuvamile kuba umuntu oyedwa kuphela.

Abagaqele isikhundla sokuba yijaji elikhulu kubalwa iphini lomphathi wamajaji uRaymond Zondo.

UJustice Mbuyiseli Madlanga nomphathi wenkantolo enkulu uMandisa Maya nabo basohlwini. 

Umphathi wamaJaji wenkantolo enkulu yase-Gauteng uDunstan Mlambo naye ufakwe ohlwini lwabakhethiwe.

Isikhundla sowayengumphathi wamajaji uMogoeng Mogoeng sifinyelele esiphethweni ngenyanga edlule.

Izihloko zakamuva