Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
UMengameli Cyril Ramaphosa ukhulume ngamasu azoqeda ukuhlupha kukagesi kuleli ngesikhathi ethula inkulumo yakhe kugujwa iminyaka engu-111 kwasungulwa i-ANC.
Njengoba izwe lingene esigabeni sesine sokucishwa kukagesi ngeSonto, uRamaphosa uthe ukucinywa kukagesi kuyisithiyo esikhulu sokusimama komnotho.
Ukusho lokhu ngesikhathi kugujwa iminyaka engu-111 kwasungulwa i-ANC kanti lo mcimbi ububanjelwe enkundleni yezemidlalo iDr Petrus Rantlai Molemela e-Mangaung, e-Free State ngeSonto.
“Kufanele kugxilwe ngokushesha ekuqinisekiseni ukuthi iziteshi zikagesi zinabasebenzi abanekhono nabanolwazi ukubhekana nokucekelwa phansi kwengqalasizinda, ukweba kanye nenkohlakalo eziteshini zikagesi nokwenza lula inqubo yokuthengwa kwempahla.”
“Ibhodi lakwa-Eskom lidinga ukunxenxa ongoti abasezingeni lomhlaba ukuze bavale izikhala zabaphathi abaphezulu,” kusho uRamaphosa.
UMengameli uthe u-Eskom kufanele asebenzise isu lokulawula ugesi omningi odingekayo ukuze kwehliswe ingcindezi yokusindwa kukagesi kuzwelonke futhi aqinisekise ukuthi lezi zindawo ezibalulekile aziphazamiseki ngogesi okubalwa izibhedlela, izikhungo ezithile zemfundo kanye nengqalasizinda yoMasipala ebalulekile.
“Sizoqhubeka nokusebenzisa i-Integrated Resource Plan 2019 ehlanganisa ukuthengwa kwamandla amasha angaphezu kuka-18,000MW.”
“Lokhu kuhlanganisa nokuqinisekisa ukuthi izinsiza zokutshalwa kwezimali eziqoqwe ngohlelo lwe-Just Energy Transition Investment Plan zisetshenziselwa ukuthuthukisa ngokushesha inethiwekhi yakwa-Eskom ukuze kube lula ukungena kwamandla eminyakeni ezayo.”
Uhlelo lukaRamaphosa lokusuka emalahleni kuyiwe kumandla avuselelekayo nokho lubhekene nokuphikiswa okushubile phakathi kwe-ANC kanye nomfelandawonye we-Cosatu ne-SACP.
UMengameli we-Cosatu, uZingiswa Losi kanye noNobhala we-SACP uSolly Mapaila balugxekile lolu hlelo ngokuthi lungaba nemiphumela emibi kubasebenzi baseMpumalanga futhi lungase luguqule amadolobha anezimayini zamalahle ukuthi zivalwe.
Isithombe esingenhla: I-ANC ebigubha iminyaka engu-111 yasungulwa
Umthombo wesithombe: @MyANC