Lungani Zungu
UMengameli uCyril Ramaphosa utshele uSomlomo wePhalamende ukuthi uzotholakala ngomhlaka-29 kuMandulo ukuze azophendula imibuzo mayelana nodaba lwepulazi lakhe i-Phala Phala.
Lolu usuku olusemthethweni lukaRamaphosa lomhlangano wakhe wemibuzo nezimpendulo ePhalamende.
USomlomo uNosiviwe Mapisa-Nqakula ukuqinisekise ngoLwesine ekuseni ukuthi uRamaphosa umbhalele wathi uzotholakala ngomhlaka-29 kuMandulo.
Amalungu ePhalamende aphikisayo abethukuthele eveva efuna uRamaphosa abuyele ePhalamende ngaphambi kosuku alubekile.
Ohamba phambili kuleli cala nguMengameli we-ATM uVuyo Zungula, osole uRamaphosa ngokugwema nokucasha emzamweni wokubalekela ukuphendula imibuzo.
UZungula ucele uRamaphosa ukuthi aphendule ngodaba lwe-Phala Phala ngesikhathi evele ePhalamende emasontweni amabili edlule.
IPhini likaMengameli we-EFF uFloyd Shivambu uthe uRamaphosa kumele avele ePhalamende “ngokushesha”.
USotshwebhu omusha we-DA uSiviwe Gwarube naye usole uRamaphosa, wathi akwamukelekile ukuthi engakwazi ukuvela phambi kwamalungu ePhalamende.
Amanye amaqembu aphikisayo okubalwa kuwo i-ACDP, i-iFP kanye ne-UDM ajoyine icala elibhekene noRamaphosa.
Amaqembu aphikisayo azomashela ehhovisi loMvikeli woMphakathi ngoLwesihlanu ukuyophoqa ibamba loMvikeli woMphakathi, uKholeka Gcaleka ukuthi akhiphe umbiko mayelana nokugetshengwa kwepulazi i-Phala Phala.
Ngasekuqaleni kwaleli sonto uNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uMondli Gungubele utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uMengameli “umatasa kakhulu” ukuthi engavela phambi kwamaLungu ePhalamende.
URamaphosa uzovakashela uMengameli waseMelika uJoe Biden ngomhlaka-16 kuMandulo ukuyoxoxa ngamathuba ezohwebo, ukutshalwa kwezimali, ezamandla, isimo sezulu kanye nezempilo.
UGungubele uzichithile izinsolo zokuthi uRamaphosa ubalekela ukuphendula imibuzo ngodaba lwe-Phala Phala.
Uthe uMengameli welulekwe ukuthi engaphenduli imibuzo mayelana nalolu daba njengoba uphenyo lusaqhubeka.
URamaphosa ungene obishini kusukela ngoNhlangulana ngemuva kokuthi lowo owayengumphathi wezinhloli u-Arthur Fraser emvulele icala.
Uveze ukuthi imali okuthiwa ingaphezu kuka-$4 million yebiwa epulazini likaRamaphosa ngo-2020, kodwa amaphoyisa awazange abikelwe.
UFraser owaziwa ngokuba umsekeli omkhulu wowayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma, uthe uRamaphosa uyathinteka ngokungasebenzi kobulungiswa ngezinsolo zokuthi wafihla ubugebengu epulazini lakhe.