Celani Sikhakhane
Umengameli wamajaji eWestern Cape uJohn Hlophe uchitha umyalelo wenkantolo othi osolwa ngokushisa iphalamende uZandile Mafe kumele ayohlolwa ingqondo.
UHlophe uthe ubungekho emthethweni lomyalelo ngoMafe.
“Angikwazi ukukubuka nje bese ngithi uyahlanya,” kusho uHlophe ngesikhathi ekhipha isinqumo ngoLwesibili.
UDkt Zelda van Tonder uthe uMafe une-paranoid schizophrenia kodwa uHlophe wakhipha isinqumo esithi uhlolwe ngaphandle kwencwadi efanele kadokotela.
“Uma ubheka umthetho we-Mental Health Act kukhulunywa ngamahora angu-72. Ukuxilongwa akwenziwa kanye ,” kusho uHlophe.
UMafe usolwa ngokushisa iPhalamende likazwelonke ekuqaleni kwale nyanga. Lo mlilo ucekele phansi impahla eningi enomlando obalulekile ePhalamende eKapa. Nokulungiselela Inkulumo Echaza Isimo Sezwe (i-Sona) nakho kuphazamisekile.
Lokhu kusho ukuthi i-Sona yaminyaka yonke cishe ngeke ibanjelwe ePhalamende likazwelonke okokuqala ngqa ngaphansi kukahulumeni wentando yeningi.
NgoMsombuluko abasebenzi basePhalamende banqabile ukusebenza kuleli bhilidi njengoba bekhathazekile ngokuphepha kwabo.
Kuvele ukuthi izicishamlilo bezingasebenzi ngobusuku bomlilo. Kuphinde kwavela ukuthi onogada babengasasebenzi ngezimpelasonto nangamaholidi.
Kuyaqondakala ukuthi uMafe ubeyindoda engenakhaya elala ezitaladini yaseKapa.
Kodwa ummeli wakhe uLuvuyo Godla uthe ummangalelwa uhlala eKhayelitsha futhi ungowokudabuka e-Mafikeng e-North West.
Isicelo sikaDali Mpofu ongummeli omkhulu wommangalelwa sokuthi kuhoxiswe umyalelo wenkantolo kamantshi siphumelele kodwa saba nezindleko zemali.