Umehlokaboni ka-R50,000 kongaba nolwazi ngomfana (4) owalahleka

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Amaphoyisa ase-Eastern Cape akhipha umehlokaboni ka-R50,000 kongaba nolwazi ngoNakhane Lizane oneminyaka emine ubudala, owaduka esikhathini esingangonyaka esedlule edlala ngaphandle komuzi wakubo e-Wells Estate, e-Gqeberha.

Sekuphele izinsuku ezingu-419 uNakhane anyamalala ngomhlaka-11 kuNhlaba ngonyaka odlule edlala nomfowabo oneminyaka eyishumi. 

Umama wabafana, uZukiswa Ngele-Lizane, wayesendlini elungisa isidlo sakusihlwa ngesikhathi ebabiza ukuba bazodla, kodwa kwangena umfowabo omdala kuphela.

Emuva kokuthungatha umfanyana, uZukiswa wabika ukuthi uNakhane ulahlekile, kwabe sekusungulwa iqembu elikhulu lokuthungatha.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Sandra Janse van Rensburg uthe amaphoyisa namanje asathungatha uNakhane futhi acela noma ngubani ongaba nolwazi ukuthi aphumele obala.

“Amaphoyisa akhipha umehlokaboni ka-R50 000 uma kukhona ulwazi olungaholela ekutheni kutholwe ingane, kungakhathaliki ukuthi izimo zinjani,” kusho uJanse van Rensburg.

Ngesikhathi enyamalala uNakhane wayegqoke ibhulukwe elimnyama, isikibha esinombala okhanyayo nejakhethi emnyama.

Phezu kwemizamo eminingi yokumthungatha iminyango ehlukene yamaphoyisa, amalungu omphakathi, izinkampani zonogada ezizimele kanye nama-drones, awukatholakali umkhondo womfana. 

Izithombe ze-CCTV esitolo esiseduze zikhombisa uNakhane edlala emgwaqeni emizuzwini embalwa ephumile endlini yakwabo.

Onolwazi ngokuduka kwakhe angathinta umphenyi wecala uMluleki Mhlangani ku-079 896 7509 noma ashayele i-CrimeStop ku-08600 10111.

Esithombeni ngenhla: UNakhane Lizane oneminyaka emine ubudala, owaduka mhlaka-11 kuNhlaba 2023 e-Wells Estate, e-Gqeberha.

Umthombo: Uthunyelwe 

Izihloko zakamuva