
UDiébédo Francis Kéré wase-Burkina Faso uqophe umlando njengomu-Afrika wokuqala ukuzuza uMklomelo we-Pritzker ohlonishwayo.
Lo wesilisa oneminyaka engu-56 ubudala uthole indondo, edume njenge-Nobel Prize Of Architecture, ngomsebenzi wakhe omangalisayo wezakhiwo azidweba ezweni lakubo naphesheya kwezilwandle.
Uhambo lukaKéré oluya phezulu lwalungelula.
Ukhulele emaphandleni e-Burkina Faso, kanti futhi wayeyingane yokuqala esigodini sakubo ukuyofunda esikoleni.
Ukhumbula esegunjini lokufundela elalicinene futhi lishisa kakhulu ligcwele nezingane eziningi. Lokhu kwamkhuthaza ukuthi adwebe imdwebo emihle yezikole.
Eminyakeni eminingi kamuva, esefunde ezikhungweni zezakhiwo zomhlaba wonke, waqhubeka nokwakha isikole endaweni yakubo yase-Gando.
Ngokungafani nezakhiwo zesikole ezivamile, ezisebenzisa ukhonkolo, umdwebo kaKere uhlanganiswe ubumba lwendawo, oluqiniswe ngosimende ukwenza izitini ezisiza ukugcina umoya opholile ngaphakathi.
Uphahla lukathayela olubanzi, oluphakeme luvikela isakhiwo emvuleni kuyilapho lusiza umoya omkhulu, ufaka nama-vents ukuze kuzongena omoya singabi khona isidingo se-air condition.
UKere uhlanganyele nomphakathi wendawo ngesikhathi sokudweba kanye nesigaba sokwakha, futhi isibalo sabafundi esikoleni sikhuphuke sisuka ku-120 saya ku-700.
Impumelelo yalo msebenzi ingenza kwandiswe isakhiwo ngokuzayo, njengomtapho wolwazi kanye nezindlu zothisha.
UKere unike umphakathi amandla futhi uguqule imiphakathi ngokudweba izakhiwo lapho izinsiza zintekenteke futhi ubudlelwano bubalulekile,” kwengeza isitatimende sikaPritzker.
“Ngokuzibophezela kwakhe kubulungiswa bezenhlalakahle kanye nokuzibandakanya, nokusebenzisa ngokuhlakanipha kwezinto zendawo ukuze kuxhunywe futhi kuphendule isimo semvelo, usebenza emazweni ancishwe amathuba agcwele izingqinamba kanye nobunzima,” kusho abajwayele ukuhlela izinto.
Izakhiwo ezimbili zikaKere ezidume kakhulu i-Serpentine Pavilion ese-London kanye nePhalamende lase-Burkina Faso.
Isakhiwo se-Pavilion sagqugquzelwa isihlahla esisesigodini sase-Gando, lapho akhulele khona, esho engxoxweni.
“Lapho engiphuma khona e-Burkina Faso, isihlahla sivame ukuba indawo yomphakathi. Kungaba inkulisa, kungaba imakethe – noma indawo yokuhlangana yabantu bonke.”
Ngesikhathi ethola umklomelo ohahelwayo, ikomidi lomklomelo we-Pritzker lincome umsebenzi wakhe lathi: “Ukukhanya kuyabonakala kuyo yonke imisebenzi kaKéré’.
“Imisebe yelanga ihlunga ezakhiweni, emagcekeni nasezindaweni eziphakathi, inqoba zonke izimo ezinzima zasemini ukuze kube nendawo enokuthula noma ilethe ukuhlangana.”