Umduni wesibhamu sethoyizi ubulewe ngumshayeli ngesibhamu sangempela

Kamogelo Muvhenzhe

Ubefuna ukwenza imali esheshayo ngokugebenga abashayeli bezimoto ababengalindele ngokusebenzisa isibhamu sethoyizi emigwaqeni ematasa yaseGoli.

Kodwa lesi sigebengu senze iphutha elikhulu esigcine silikhokhela ngempilo yaso.

Ngokusho kwamaphoyisa, isigebengu siye kumshayeli obemi erobhothini elibomvu wafuna iselula yakhe.

Into abengayazi ukuthi umshayeli ubesemubonile esondela emotweni yakhe ngasohlangothini lomshayeli.

Lesi sigameko senzeke ngase-Faraday Taxi Rank ngehora le-11: 00 ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng, uKaputeni Kay Makhubele uthe isigebengu sikhombe umshayeli ngesibhamu sethoyizi sabe sesifuna iselula yakhe.

“Umshayeli wakwazi ukukhipha ngokushesha isibhamu sakhe wadubula isigebengu,” kusho uMakhubele.

Ubuye wathi lo muntu ongaziwa uqinisekiswe ukuthi ushonile ngabosizo oluphuthumayo endaweni yesigameko.

Isibhamu somshayeli sithathwe ngamaphoyisa kanti kuvulwe namacala okubamba inkunzi kanye nophenyo. Akekho osaboshiwe.

“Le ndoda ibingenalutho ebeliphethe ukutshengisa ukuthi ingubani. Sithole ama-cartridge amabili endaweni yesigameko,” kusho uMakhubele.

Izihloko zakamuva