Umdlwenguli uthole odilikajele abathathu

INkantolo ePhakeme yaseMpumalanga e-Nelspruit igixabeze owesilisa wase-Bushbuckridge ngezigwebo zodilikajele ezintathu neminyaka eyi-154 ngaphezulu.

UCollen Fakude ulahlwe ngamacala ayi-13 okudlwengula, ukubamba inkunzi ehlomile nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

Inkantolo iveze ukuthi uFakude wahlasela ngesihluku izisulu zakhe phakathi konyaka wezi-2017 nowezi-2018 ngaphambi kokuboshwa kwakhe ngoMandulo kowezi-2019.

Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uColonel Donald Mdhluli uthe uFakude uthole isisulu sakhe sokuqala e-Ramalema ngase-Bushbuckridge silinde itekisi nesoka laso kowezi-2017.

Ubasabise ngesibhamu, wabayalela ukuba bangene ehlathini eliseduze, wabe esedlwengula loyo wesifazane ngesikhathi isoka lakhe liphoqelelwa ukuthi lime lodwa lingakwazi ukuzisiza. Ube esebagebenga ngaphambi kokubaleka endaweni yesigameko.

Samsung Galaxy 14G

NgoNhlolanja kowezi-2018 wahlasela isisulu sakhe esilandelayo esasimise imoto yaso emgwaqeni ophakathi kwe-Bushbuckridge ne-Graskop ukusiza owesifazane onqunu.

Waqhamuka wamyalela ukuba ashayele imoto ehlathini eliseduze lapho afike wamdlwengula khona futhi wamphuca nezinto zakhe.

NgoNdasa ngawo lowo nyaka, uFakude wahlasela owesifazane wesithathu ngendlela efanayo. Ubenomfowabo e-Gardee Junction lapho ebabambe khona ngaphambi kokubayisa ezihlahleni eziseduze lapho afike wadlwengula khona loyo wesifazane phambi kamfowabo ngaphambi kokubabamba inkunzi.

Ngemuva kwezinyanga eziyisithupha, uFakude wadlwengula owesifazane phambi kwesoka lakhe e-Hlamanani Trust.

Amaphoyisa aqale ukuthungatha umenzi wobugebengu obedlula bonke kanti ubufakazi bokubhekela ubugebengu baholela kuFakude.

UFakude wake wagwetshwa iminyaka engama-27 ebhadla ejele ngonyaka wezi-2003 yiNkantolo yesiFunda yase-Mhala ngamacala afanayo ngaphambi kokuthi akhishwe kowezi-2013.

Scrolla World Cup Quiz