Lubhalwe nguSbongile Nonyana
UMoremi Solomon uhlasele izigodi ezintathu zase-Limpopo eminyakeni emibili, egqekeza ezindlini, edlwengula abesifazane namantombazane.
Ubufakazi belibofuzo yibona obusizile ukuthi umdlwenguli athole izigwebo sikadilikajele kanye neminyaka eyengeziwe ngokugqekeza.
Ugwetshwe udilikajele owesilisa wase-Limpopo owahlukumeza abantu basezigodini ngokugqekeza ezindlini nokudlwengula abesifazane.
UMoremi Moyahabo Solomon (29) ugwetshwe odilikajele ababili kanye neminyaka engu-15 iNkantolo yesiFunda yasePolokwane ngoLwesine ngamacala akhe odlame.
Ukuhlasela kwakhe kwaqala ngo-2015 ngesikhathi egqekeza umuzi ose-Lipsig ezama ukudlwengula intombazane (15). Le ntombazane enesibindi nomama wayo balwa naye, wabaleka.
Kodwa uSolomoni waphinda wahlasela abanye futhi. NgoNtulikazi ngo-2016, wangena ngefasitela emzini osesigodini sase-Blackhill wadlwengula owesifazane emkhombe ngommese.
Ngemuva kwenyanga, ngoNcwaba ngo-2016, wagqekeza emzini osesigodini sase-Sikiding, lapho ashaya khona owesifazane ngensimbi wamdlwengula. Umgilwa wakwazi ukubaleka wayocasha ngaphandle nengane yakhe.
Amaphoyisa abamba uSolomoni ngomhlaka-27 you kuNcwaba ngo-2016. Ukuhlolwa kolibofuzo kwafakazela ukuthi nguye owenza lokhu kuhlasela.
Inkantolo imthole enecala lokudlwengula, elokuzama ukudlwengula kanye nelokugqekeza. Ngaphandle kwesikhathi sokubhadla ejele, uSolomon akasoze abe negunya lokuthi abe nesibhamu, futhi igama lakhe lizongena ohlwini lwabahlukumeza ngokocansi.
Isikhulu samaphoyisa e-Limpopo uLieutenant General Thembi Hadebe uncome abaphenyi abasize ukuvalela lesi sigebengu esinodlame.
“Abaseshi bethu benze umsebenzi oncomekayo ukuqinisekisa ukuthi labo abenza udlame olusekelwe ebulilini babhekana nokujeziswa kanzima,” usho kanje.
Esithombeni esingenhla: Umsolwa.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe