Umdlwenguli ugwetshwe odilika jele abathathu 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Izakhamizi zaseTsakane, Ekurhuleni ziqale ukukhululeka ngemuva kokuthi owesilisa obizwa ngomdlwenguli wasemathuneni uPeetona Abel Lebele egwetshwe odilikajele abathathu neminyaka engu-30 ebhadla ejele ngoLwesibili.

INkantolo eNkulu yasePitoli ebihlezi eNkantolo yeMantshi yase-Benoni ilahle uLebele (43) kuwo wonke amacala amane okuthumba nokudlwengula emasontweni amathathu edlule.

Ngesikhathi enza lesi senzo sokudlwengula phakathi kukaMasingana ngo-2017 noNcwaba ngo-2019 uLebele wahlasela izisulu ezineminyaka eyisikhombisa, engu-13, engu-26 kanye nengu-16 ngesikhathi zilibangise esikoleni noma ekhaya.

Isisulu esincane sasisendleleni eya esikoleni ngomhlaka-19 kuMasingana ngo-2017 ngesikhathi uLebele esiheha ngamaswidi.

Ngesikhathi evuma amacala utshele inkantolo ukuthi wabamba amantombazane nowesifazane wabahudulela emathuneni ase-Tsakane lapho abadlwengulela khona.

“Ingane yanqaba yazama ukubaleka kodwa ngayibamba ngayihudulela emathuneni ngayidlwengula ngayishiya khona lapho,” etshela inkantolo.

Ngomhlaka-19 kuNcwaba ngo-2019 wadlwengula isisulu esidala kunazo zonke manje esineminyaka engu-32 ubudala esasibelethe ingane yaso eyayineminyaka emibili emhlane.

Ngaphambi kokuthi amdlwengule waphusha ingane eneminyaka emibili emhlane kanina wayiwisa phansi wabe esedlwengula umama.

Umshushisi wombuso u-Advocate Lawrence Sivhidzho utshele inkantolo ukuthi uLebele walahlwa icala lokweba ngo-2015 nelokugebenga ngo-2008 futhi kwathiwa akafanele ukuba nesibhamu.

Esinye sezisulu sithe namanje sisaphila nalokhu kuhlukumezeka kanti isikhathi esiningi uhlushwa iphunga lomzimba wakhe.

“Imibono yesigameko isadlala ekhanda lami ngimncenga ukuthi angangibulali,” esho.

“Kungenzeka ukuthi unikezwe isigwebo eside kodwa izenzo zakhe ziyisilonda esiwunguna phakade.”

Ngemuva kokuphuma kwesigwebo umdlwenguli ufake isicelo sokuthi adlulise icala. Lokhu kuphikiswe umbuso kwanqatshwa inkantolo.

Esithombeni esingenhla: Umdlwenguli wasemathuneni ase-Tsakane uPeetona Abel Lebele

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva