Umdlwenguli ubophiswe isangoma sakhe

Elmon Tshikhudo

Ngemuva kokubalekela amaphoyisa izinyanga ezimbili, umsolwa ongumdlwenguli ugcine ebanjiwe ngemuva kokubophiswa isangoma sakhe.

UMikovhe Makhavu usolwa ngokudoba abesifazane azenze umphrofethi ku-Facebook ngaphambi kokuthi abadlwengule.

Wayengakholwa ngesikhathi inkantolo yemantshi ihoxisa amacala ayebhekene nawo.

Inkantolo yenza iphutha yamkhulula ngoNcwaba kulo nyaka, ingazi ukuthi lo wesilisa ozibiza ngo-Elma Mutavhatsi ku-Facebook, ubebhekene namacala ayisihlanu okudlwengula endaweni yase-Thohoyandou.

Ngemuva kokudedelwa inkantolo, uMakhavu wavele wagcwala izinkalo izinyanga ezimbili, amaphoyisa atshalwa yonke indawo ezama ukumthungatha.

Inkululeko yakhe uyiphile isikhashana, inhlanhla yakhe yasheshe yaphela ngoMgqibelo ngesikhathi evakashele isangoma esaziwayo.

Isizathu sokuya kwakhe kwisangoma ukuyocela umlingo ozonyamalalisa amacala abhekene nawo wonke.

Kodwa inyanga ibinolwazi ngamacala okuthiwa uwenzile, kunokuba imsize ibilokhu emlibazisa imtshela ukuthi izinkinga zakhe azidingi imlingo zidinga ukuthi amenzele umsebenzi.

Khonamanjalo isangoma besifonela amaphoyisa.

Lo wesilisa oneminyaka engama-32 oqhamuka e-Phiphidi uboshwe emzini wenyanga kanti ubhekene namacala ayisihlanu okudlwengula.

Eminyakeni emibili kukholelwa ukuthi lo mlisa ubekhohlisa abesifazane abangamazi ababekholelwa ukuthi ungumphrofethi obasiza ngezinkinga zabo zasemshadweni.

Lo wesilisa wakha ikhasi lakhe ku-Facebook ezibiza ngomphrofethi, wakwazi ukuba nabalandeli abayizi-100,000- abaningi baqhamuka e-Venda kwisifunda sase-Limpopo.

Leli khasi ayelivulile ku-Facebook ezibiza ngegama elithi-Elma Mutavhatsindi Wa Duthuni, ubeheha ngalo izisulu ezindaweni ezihlukene lapho bezifike zibanjwe khona inkunzi ziphinde zidlwengulwe.

Leli khasi lidale omkhulu umonakalo esifundazweni, ngoba ubeqamba amanga kulo, ebiza abantu ngabathakathi ephinde edalula amagama abantu ababhece ngobende inyama bengayidlanga athi bayabandakanyeka ekushoneni kwabantu endaweni.

UMakhavu uvele enkantolo yase-Thohoyandou namhlanje kanti inkantolo ithathe isinqumo sokumgcina ejele. Uzophinde avele futhi mhla zingama-25 ngoLwezi.

Izihloko zakamuva