Umdlwenguli owalutha izisulu zakhe ezinkundleni zokuxhumana ugwetshwe odilika jele abayisithupha

Sandiso Phaliso

Umdlwenguli uThembinkosi Ngcolomba ubebonakala engumuntu olungile, onothando futhi ongahle abe isoka elikahle. Lena yindlela izisulu zakhe zokudlwengulwa nokugetshengwa ezimchaze ngayo.

Laba besifazane abayisishagalolunye babengazi ukuthi umuntu abahlangane naye ezinkundleni zokuxhumana abagcine behlangene naye mathupha ubengumdlwenguli, futhi ezingela abantu besifazane abangazi lutho.

NgoLwesithathu, iNkantolo eNkulu yase-Gqeberha igwebe uNgcolomba odilikajele abayisithupha kanye neminye iminyaka engama-200 ebhadla ejele.

Izenzo zakhe zobubi zaqala ukwenzeka ngowezi-2016 ngesikhathi eheha futhi edlwengula izisulu zakhe ezineminyaka ephakathi kweyi-15 kuya kwengama-31 waze waboshwa ngowezi-2018.

UNgcolomba ubethola izusulu zakhe ngokuba umngani wazo ku-Facebook bese kuthi ngokuhamba kwesikhathi ahlangane nazo mathupha.

Wazenza umdlali odumile webhola lezinyawo ku-Facebook futhi ngemuva kokuthola ukunakwa izisulu, wahlela ukuthi ahlangane nazo.

Okhulumela i-National Prosecuting Authority, u-Anelisa Ngcakani, uthe izenzo ezimbi zikaNgcolomba zaphela ngowezi-2018 ngesikhathi ebanjwa ngemuva kwezinsuku ezimbili adlwengula isisulu sakhe.

Emacaleni ayisithupha, waphuca izisulu zakhe izimpahla zazo.

Esinye isisulu esineminyaka engama-27, ngokomthetho esingeke sidalulwe igama ngoba siyisisulu esinukubeziwe, sithe saqala ukuxoxa noNgcolomba ngowezi-2017 sathandana naye.

Utshele i-Scroll.Africa ukuthi wayebonakala eqotho.

“Sahlela ukuthi sihlangane ngoNhlangulana  ngowezi-2017 kwathi ngenkathi siya emzini wakhe endaweni esehlathini uNgcolomba wadonsa ummese wathi angikhumule wangidlwengula wangishiya khona lapho,” kusho isisulu.

Wengeze ngokuthi wamenza engabe esathemba muntu.

Omunye wesifazane naye oyisisulu uthe wahlangana noNgcolomba ezinkundleni zokuxhumana ekuqaleni kowezi-2016 bahlela ukuhlangana ngemuva kwezinyanga ezimbili.

“Ngangifuna ukuzama ubudlelwane obusha ngase nginquma ukumnika ithuba. Ngemuva kokuhlangana naye wangithatha wangiyisa endaweni esemaphandleni wangidlwengula,” kusho isisulu esineminyaka engama-23 ubudala.

Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS uJenene Dladla uthe isigwebo eside njengalesi siletha ithemba kubo bonke abahlukunyezwayo ukuthi ubulungiswa bukhona nokuthi udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane lungaqedwa futhi kumele luphulwe.

Izihloko zakamuva