Moyahabo Mabeba
Aubrey Manaka, owabulala waphinde wadlwengula uPrecious Ramabulana ngendlela enobulwane obungacatshangwa, ufuna ukuthethelelwa.
Evuma amacala akhe enkantolo, uManaka uthe: “Ngingene ngendluzula egumbini likaPrecious futhi ngenkathi ngibona ukuthi akazimisele ukukhuluma nami, ngamgwaza kaningi kwathi ngemuva kokumhlula ngamandla ngabe sengimdlwengula. Ngiphinde ngantshontsha ezinye izimpahla zakhe, okubalwa kuzo nomakhelekhukhwini.”
Evela phambi kweJaji uFrancis Kganyago eNkantolo eNkulu yase-Polokwane ngoLwesithathu, uManaka uthe uvakashele umamncane wakhe e-Mokomene kanti ngesikhathi ehamba emgwaqweni, wabona uPrecious, umfundi wase-Capricorn TVET College e-Botlokwa, edansa nabangani bakhe ngaphandle kwekhaya lakhe. Uthe waqala ukumthanda.
“Anginaso isizathu esizwakalayo sokucacisa izenzo zami. Ngakho-ke ngiyawavuma la macala. Ngiyazisola ngengikwenzile futhi ngifisa ukuthi umndeni wakhe ungixolele,” esho.
Ngemuva kwalokho waboshwa esemzini wabazali bakhe esigodini sase-Nyakelang ngomhla zingama-28 kuLwezi yi-Crime Intelligence, oKlebe nabaseshi. Utholwe nomakhalekhukhwini kaPrecious, izingubo ezinegazi nento ebukhali.
Umamncane kaPrecious, uMavis Sethlodumela, uthe bakhululekile ukuthi uManaka uwavumile amacala abekwe wona.
“Sikhululekile ngokuthi ekugcineni ubulungiswa buzokwenziwa kanti umenzi wobubi uzokhokhela akwenzile. Sicela ukuthi anikezwe isigwebo esinzima yize lokhu kungeke kusayibuyisa indodakazi yethu,” esho.
UManaka kulindeleke ukuthi agwetshwe ngoLwesine.